Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uthuthuva eMkhanyakude befuna kuvulwe amahhovisi kamasipala

Uthuthuva eMkhanyakude befuna kuvulwe amahhovisi kamasipala

by | 21 August 2025


KUCEKELEKE impahla, kwalimala namabhilidi kamasipala ngesikhathi amalungu eNkatha Freedom Party (IFP), ebhikisha emagcekeni kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, eMkhuze, ngoLwesithathu, efuna kuvulwe amahhovisi.

Sekuphele isikhathi amanye amahhovisi amakhulu alo masipala evaliwe, abasebenzela kuwo bengakwazi ukungena basebenze khona. Amalungu e-IFP abebhikisha, abefuna la mahhovisi avaliwe, avulwe.

NgoLwesithathu ababhikishi bagqekeze isango elalivaliwe, bangena. Amalungu e-IFP, abefuna kuqale kusetshenzwe njengoba nawo ekhala ngobuholi obukhona eMkhanyakude, obenze kwaze kwalethwa umlawuli. Basola ubuholi ngenkohlakalo, nokwenzelela ngobuqembu uma kuqashwa.

Udungunyane lwaqala ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdbu KwaZulu-Natal, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, eyokwethula uMnu Bamba Ndwandwe, njengomlawuli ngenyanga edlule.

Umkhandlu ulawulwa yi-ANC, kanti uSomlomo uMnu Solomon Mkhombo, ukusho kugcwale umlomo uthi abamdingi uNdwandwe, eMkhanyakude. Uthi asikho isidingo sokuletha umlawuli, ngoba ayikho into ebambekayo ngalezi zinsolo, ezishiwoyo ngabo.


“INational Council Of Province (NCOP), ayikasho ukuthi akulethwe umlawuli eMkhanyakude. Lokhu okweziwe nguNgqongqoshe uButhelezi kuphamene noMthethosisekelo. UNdwandwe angangena ehhovisi, kodwa uzosebenza yedwa, ngeke simeseke thina, kuze kube uNgqongqoshe wakwaCOGTA kuzwelonke (uMnu Velenkosini Hlabisa) uyangenelela,” kusho uMkhombo.


IKhabhinethi yaKwaZulu-Natal, yaseseka isinqumo sokufaka uMasipala waseMkhanyakude ngaphansi komlawuli. UNdwandwe akaqali ukulethwa kulo masipala ukuyowulawula. Abanye abasebenzi, bakhala ngokuthi unesandla sensimbi futhi uyabahlukumeza.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...