
UMENGAMELI weseNingizimu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa, usegunyaze ukuthi kutshalwe amasosha, eSouth African National Defence (SANDF), angu-510, esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Kuthiwa lamasosha, azoba sesifundazweni kuzekube ngumhlaka 30 kuLwezi (November).
Inhloso yokutshalwa kwawo, ukwelekelela amaphoyisa uma kunemibhikisho, eqondiswe kwabokufika abakuleli zwe ngokungemthetho.
Alethwa nje lamasosha, uNdunankulu waseKZN, uMnu Thami Ntuli, ngomhlaka 9 kuMfumfu (October), wacela ukulethelwa amasosha, esifundazweni, ngemuva kokucekeleka phansi kwezimpahla, kushiswa nezimoto zabokufika, okwenzeka enkabeni yedolobha iTheku.
Ababhikishi babekhala ngesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, abathi sivune abakufika.
Imali ezochithwa nguHulumeni, ngokuletha lamasosha eKZN, ingu R34, 082, 720.
UMholi weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, uthi ukuletha lamasosha esifundazweni, kuhloswe ngakho ukucindezela abantu abafuna kwenziwe ubulungiswa, kumoshwa nemali futhi.
Isitatimende seHhovisi likaMengameli, sithi ukulethwa kwalamasosha eKZN, kuzosiza amaphoyisa ekuqhubeni i-Operation Prosper.
“Kuvikelwa abantu abangafuni ukuba yingxenye yemibhikisho, nalabo ababhikishelwayo,” kusho isitatimende.
menzi.jele@ilanganews.co.za.






