
ASAVALIWE amasango ehhovisi elikhulu likaMasipala wesiFunda UMkhanyakude njengoba izisebenzi zisalinde isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu esicelweni somkhandlu ochitha isinqumo sikaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, sokufaka lo masipala ngaphansi komlawuli.
Ukusebenza kwalawa mahhovisi kwavalwa phakathi nenyanga edlule ngesikhathi uButhelezi eyofaka uMlawuli, uMnu Bamba Ndwandwe kodwa wathola amasango evaliwe, nobuholi bukamasipala – okuyiMeya uMnu Siphile Mdaka, uSomlomo uMnu Solomon Mkhombo neMenenja uMnu Musakawukhethi Nxumalo – bungekho.
Ubuholi babusola umnyango ngokungahambisi ngendlela uhlelo lokufakwa komlawuli kulo masipala. Lokhu kudale omkhulu umdonsiswano, oholele ekutheni zingaholi izisebenzi njengoba imenenja yomkhandlu, ibingavumi ukudedela amafayela anemininingwane, nomlawuli engavumi ukuholela izisebenzi njengoba sekunguye owengamele imali yomkhandlu.
Inkantolo yanquma ukuba izisebenzi zibe seziholeliwe ngaphambi kokuphela kosuku lwangoLwesibili, yasigodla isinqumo kolokuchithwa komlawuli. IMenenja kaMasipala uNxumalo, ithi umyalelo wenkantolo ulaleliwe, zaholelwa izisebenzi. Iqinisekise ukuthi amasango ehhovisi elikhulu asavaliwe.
“Kuphoqile ukuthi ukungaboni ngaso linye kwethu sikubeke eceeni, senze njengokusho kwenkantolo, siholele izisebenzi. Ehhovisi elikhulu lomkhandlu, amasango asavaliwe, sisebenzela emakhaya.
“Ukuhanjiswa kwezidingo zomphakathi kuyaqhubeka njengoba ama-sites omkhadlu eqhubeka nokusebenza. Sinethemba lokuthi isinqumo senkantolo sizophuma maduze njengoba isicelo sethu sasisifake njengesiphuthumayo,” kusho uNxumalo.
NgoLwesihlanu, uhlangothi lwabameli bomkhandlu, lunxenxe inkantolo ukuba ichithe isinqumo sikangqongqoshe ngoba luthi kayilandelwanga imigudu efanele.
Luthi umnyango wehlulekile ukuveza ubufakazi obuqinisekisa ukuthi isinqumo saphasiswa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa. Abameli bomnyango bakuchithile lokho, bathi yonke imigudu yalandelwa.







