
ISHAYE indesheni ezivakashini zase-England nobuholi beqembu lebhola lakuleliya lizwe iLiverpool ukuba batshale imali kumasipala wayo imeya yasoKhahlamba, uMnu Vikizitha Mlotshwa.
UMlotshwa ufake lesi sicelo ngesikhathi emukela izihambeli zomcimbi ohlelwe yiKZN Tourism and Film Authority ngokubambisana nezinye izinhlaka ezingaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nokuVakasha KwaZulu-Natal, obanjelwe eDrakensberg namuhla ngoLwesihlanu, wokukhumbula impi yaseSpion Kop, eyayiphakathi kwamaBhunu namaNgisi eminyakeni ewu-125 eyedlule.
Le mpi ithathwa njengeyahlenga indawo yaseMnambithi ekudliweni yilezi zizwe njengoba singekho esayinqoba.
Lo mcimbi uhanjelwe yikhulu zikahulumeni okubalwa kuzo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nokuVakasha eKZN, uMfu Musa Zondi, noNgqongqoshe wezeMidlalo, amaSiko namaCiko esifundazweni, uMnu Mtomuhle Khawula.
UMlotshwa ufaka lesi sicelo nje, iqembu i-Liverpool linomlando onothile nale mpi njengoba iningi lamasosha amangisi lalixhumene kakhulu nalo. Uthi utshalomali lungenza omkhulu umehluko ezakhamizini zasoKhahlamba njengoba isibalo sabangasebenzi siphezulu.
“OKhahlamba kunezakhamizi ezingaphezu kuka-140 000, kodwa isibalo sabangasebenzi singaphezu kuka-40%. Ngakho-ke ngiyacela kuzo zonke izihambeli zethu zase-England ukuba zifake isandla, zitshale imali kule ndawo enomlando wezwe lazo onothe kangaka.
“Thina siyisizukulwane sezinqalabutho ezalwa kule mpi njengoba kuthinteka izizwe ezintathu, okuyilezi ezazisempini nesizwe sabamnyama ngoba naso sawathola amachaphazelo,” esho.
Uthi usuku lwanamhlanje (okuwusuku okwala ngayo lempi) kumele lusetshenziswe njengosuku oluyisifundo nasesizukulwaneni esisakhula njengoba impi yaseSpion Kop ibaluleke kulona lonke elakuleli.







