Ilanga News
Home 9 Featured 9 OwoKhozi FM uzolulekwa ngabammeli ‘kolwenhlamba olusenkantolo’

OwoKhozi FM uzolulekwa ngabammeli ‘kolwenhlamba olusenkantolo’

by | 18 January 2026

UZOLINDA ukuthola izeluleko zomthetho kubammeli bakhe umsakazi woKhozi FM, uNkz Zimiphi “Zimdollar” Biyela ngesinqumo okufanele asithathe ngenkulumo eqoshwe yananyekwa ezinkundleni zokuxhumana nguNkz Welile Mchunu, ecela uxolo kuyena.


Kule video uWelile ucela intethelelo ngesenzo sakhe sokuchapha lo msakazi ngenhlamba ekubeni bengakaze baxabane phambilini. Ingxabano yabo isuke ngo-2020 ngesikhathi bebanga ingoma ehlukanise unyaka eyayivotelwa. UZimdollar ohlelweni uSigiya Ngengoma – ayelushayela ngaleso sikhathi – wathi amabhinca asengaze akhalele izihlanu (50 cents). Kwaba uzithintele kuWelile owamethuka ezinkundleni zokuxhamana.


Nokho kuleli sonto uWelile uveze okukhulu ukuzisola ngesenzo sakhe, waqopha i-video eyiqondise kuZimdollar, wayinameka ezinkundleni zokuxhumana. Kuyona uzwakala ethi: “Ngicela ukuthatha leli thuba ngikhulume nawe Zimdollar. Kune-video engiyenze izolo ngakhuluma nomculi kamasikandi uKhuzani Mpungose, ngacela ukuba angixhumanise nawe ukuze ngixolise ngesenzo engasenza, esesithathe iminyaka.
“Ngiyaxolisa ukuthi sesiside isikhathi le nto yenzeka kodwa sekufike isikhathi sisi. Ngingumuntu okholwayo mina le nto ibihlezi ingidla ngaphakathi noma ngikubona emicimbini bengiphatheka kabi, ngithi lo sisi ngamethuka engenacala, engakaze athi nxa kimi.


“Cha MaBiyela, uMpungose ubeqinisile, ubethunywe yimina. Ngiyaxolisa kakhulu ngokukwehlisa isithunzi. Ubungakaze uthi nxa, kakukho okuningi engikufisayo ngaphandle kokuthi ungixolele, ngisho ungathi masithathe izigxubho??? sidayisele abokufika ngizokwenza kanjalo ukuze ngiveze ukuzisola kwami. Ngangingazenzi, ngangisemncane, ngithunywa ngabathile.”
UWelile uvumile kuleli phephandaba ukuthi nguyena impela obonakala kwi-video exolisa.
“Yebo yimina, ngikusho konke ebengifisa ukukwedlulisela kuyena. NgoLwesihlanu ngimenyiwe ohlelweni lukaTshathugodo Ngobe mhlawumbe ngizobe ngiyokhuluma le nto kangazi,” kusho uWelile.
UZimdollar uthe usezwile ngale video.
“Ngizwile ngale video kodwa akekho obeseke wangiqonda, wakhuluma ngalolu daba. Ngizocela ukwelulekwa ngabammeli bami ngalo ngoba yibona abaluphethe yize luhamba kancane kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi luyaqhubeka enkantolo,” kusho uZimdollar.
ILANGA labika ngale ngxabano kanti ngaleso sikhathi uZimdollar wayethi ufuna isinxephezelo sika-R450 000, aphinde akhokhelwe nezindleko zenkantolo. Lwalusingethwe ngabammeli bakwaZungu Incoporated. Naye uZimdollar wagadla ezibongela ethi, ungumshayi we-amoeba aze ayoliphosa esitokisini.

UZIMIPHI “Zimdollar” Biyela uthi usazocela izeluleko kubammeli bakhe ngodaba lokuxolisa kukaWelile Mchunu ngokumethuka esidlangaleni ngaphandle kwesizathu.

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...