Ilanga News
Home 9 Featured 9 EbaQulusini kwakuyisifunda esasisikelwe uMntwana uMkabayi

EbaQulusini kwakuyisifunda esasisikelwe uMntwana uMkabayi

by | 10 September 2025

UMA kukhulunywa ngabaQulusi, kusuke kushiwo abantu basenyakatho yeKwaZulu-Natal. AbaQulusi ubathola eVryheid, lapho isizinda sabo sikhona njengoba nomasipala wakhona ubizwa kanjalo, eNgoje (Louwsburg), eDumbe (Paulpietersburg) naseMadlangeni (Utretcht).

Isifunda sasebaQulusini sicebile kwezolimo. Kwakunezimayini zamalahle, eHlobane, eCoronation (KwaNotshelwa), eNgwibi, KwaMnyathi, naseZwathi. Kuyabanda ebaQulusini ebusika, kanti ehlobo liduma kakhulu izulu.

UMntwana uMkabayi kaJama wakhishwa esigodlweni KwaNobamba, eMakhosini, wakhelwa umuzi ngaphansi kwentaba iShongololo (eCoronation). Wakhishwa noMnu Siwangu wakwaMthethwa, kwathiwa makayoba yinduna yakhe. USiwangu wafike wakha umuzi waseGodeni, kanti leya ndawo yayinabantu bakwaZwane njengoba itshe likaMangethe (iNtshenteka) liseHlobane.

UMntwana uMkabayi wafika esigodlweni eMakheni (isigodlo semikhosi yaseNdlunkulu kaZulu), ngaleso sikhathi kubusa iSilo saKwaNodwengu, iNkosi uMpande kaSenzangakhona. Isizwe sajabula ukubona uMntwana uMkabayi, sikade samgcina, wanikwa ithuba lokubingelela. Wathi: “Awu bantu bakababa. Lapho engibekwe khona angakhile, ngiqulusile. Nabo laba bantu engifike nabo lapha esigodlweni, komkhulu, ngabaQulusi ngoba ngiquluse nabo ngale kwentaba iShongololo.” Kusukela ngalelo langa, abantu abakhele lesiya sifunda, babizwa ngabaQulusi.

AbakwaMdlalose (oNyanda Yephahla), yibona abasenkabeni yesifunda sasebaQulusini njengoba idolobha iVryheid, okuyilona eliyisizinda sohwebo nezimboni, lakhiwa endaweni yakwaMdlalose. Zimbili izindlu zobukhosi bakwaMdlalose ebaQulusini. Kukhona indlu yasoThaka, elokishini eMondlo, njengamanje, yeNkosi uSekethwayo kaNhlaka. Kukhona nendlu yakwaMdlalose, KwaHlahlindlela, eMvunyane, yeNkosi uMfelafuthi kaMpiyakhe Mdlalose.

Ingxenye yezwe laseVryheid uma usubheke eNquthu, amaNgisi alinika isizwe sakwaMbunda, abakwaMolefe, kusuka emfuleni iNcome. Indawo iSilo uShaka esasiyisi-kele abakwaMdlalose, isingamapulazi amaBhunu njengoba imfuyo ivuma kuleliya lizwe. KuneMishini yamaRoma, aKhatholika, enesikole sodumo iNkamana Abbey, uma ubheke kwaMdlalose.

Bekunezimayini zamalahle eHlobane, eCoronation, KwaMnyathi, naseNgwibi. lezo zimayini sezavalwa ngoba amalahle kawasekho. Kulezi zimayini kwakuqashwe abantu abaningi, abanye besuka e-Eastern Cape. Izinkompolo okwakuhlala kuzona abantu ababesebenza ezimayini, sezathengiselwa abantu. Isizwe sakwaMthethwa sinendawo esuka eHlobane ubheke eDumbe.

Lapho kwakukhona izimayini, kwakuyindawo yesizwe sakwaMthethwa. Kunesizwe esincane sakwaXulu uma ubheke eMfolozi emnyama, esizunguzwe ngamapulazi. ELenjane uma ubheke eGluckstad, kunesizwe sakwaZondo, seNkosi uVusi Zondo, silapho kwakuyi-ndawo yabaseMaNtshalini khona. Uma ubheka eNgoje, kukhona indawo eyaziwa ngokuthi “yiziziba zikaKhondlo”.

UKhondlo wakwaMazibuko, kwakuyinyanga edumile, ekhonzwe nayiSilo uCetshwayo ngenxa yemigilingwane yakhe. Wayekwazi ukungena esizibeni sakhe nesikhuni esivutha umlilo, acwile naso emanzini, abhukude ibanga elide, aphume naso sisavutha. Uma uthatha umgwaqo obheke KwaNongoma, kunobukhosi baKwaNgenetsheni, endlini yoMntwana uKhambi kaHhamu kaMpande (emzalele uNzibe). Kunamasimi etiye eNgome, nemboni yamapulangwe.

KwaMthashana wukhalo oluseVryheid, njengoba kunezinye ezikhona okuyiHlobane, yiZungwini, noMqongwane. Ngo-1902, kwase kuphela iMpi yamaBhunu namaNgisi, ngaphambi kokusayinwa kwePeace Treaty of Vereeniging. maBhunu ayeshaya abantu abamnyana ngoba ayebalekela amaNgisi, ethi yibona abantu abatshela amaNgisi ukuthi abheke ngakuphi. Induna uS’khobobo kaMabha-bhakazana Sibiya, yaya esigodlweni eMkhontweni, oSuthu, KwaNongoma, yayobikela iSilo uDinuzulu, ukuthi amaBhunu ashaya abantu KwaMthashana.

ISilo uDinuzulu sayalela uS’khobobo Sibiya, ukuthi makaqoqe izinsizwa ahlomise impi. AmaBhunu ahlaselwa ngamabutho asebaQulusini, esemathendeni, ebusuku ngomhla ka-6 kuNhlaba (May) ngo-1902. ISilo uDinuzulu sagibela ihhashi, saqonda khona KwaMthashana. safika impi isiphelile. Yikho ezibongwe-ni zaso iSilo uDinuzulu, kuthiwa “Umathukuthela aphume ngesikhala sezintaba ezimbili, iHlobane neZungwini, ephikelele KwaMthashana”.

UDinuzulu kaCetshwayo, wabekwa esihlalweni sobuNgonyama bukaZulu ngama-Bhunu, ngoNhlaba (May) wango-1884. ISilo uDinuzulu, sagcotshe-lwa eSihluthe, KwaNgenetsheni, khona eVryheid. AmaBhunu ayelandwe oThaka (Wakerstroom), nguMsushwana kaMfusi kaManyala Mdletshe, ukuthi azokwelekelela uSuthu lulwa noMandlakazi, eMpini yaseTshaneni. AmaBhunu eholwa nguGeneral Lukas Meyer, uGeneral Louis Botha, noGeneral Krog (uNkosiluhlazana), alwa eTshaneni, elekelela uSuthu neSilo uDinuzulu. Kwavunyelwana ngokuthi amaBhunu azosikelwa amapulazi. AmaBhunu alwa empini yaseTshaneni ayengu-100, sekusikwa amapulazi kwaqhamuka angu-800. Igama elithi “Vryheid”, lisho “inkululeko”. Idolobha alakha laba yikomkhulu lawo amaBhu-nu aliqamba ngokuthi yiVryheid.

IZIHLABANI NAMAQHAWE ASE-VRYHEID

  • NguDavid “Mdavu” Masondo, owasungula iqembu lomculo iSoul Brothers, wazalelwa eVryheid, ngo-1950.
  • NguDJ Warras, owayengumsakazi weGagasi FM, wazalelwa eVryheid.
  • NguMnu Mageza Mbambo, usomabhizinisi osebenza ehhovisini leSilo uMisuzulu kaZwelithini ongowaseVryheid.
  • Intatheli yeLANGA, uMenzi “Ndukuzamabhunu” Jele, wazalelwa eMountain View Mission (KwaNgwelu), eVryheid.
  • Umculi uNtombi Ndaba ungowaseMondlo, eVryheid.
  • IMeya yaseZululand District Municipality, uMnu Michael “Mkhonyovu” Khumalo, ingeyaseVryheid.

IMITHOMBO ESETSHENZISIWE

  • ABAQULUSI Municipality Journal.
  • UMNU Somvunywase Khumalo.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...