Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Aseqale phansi amadokodo ‘amaphara’

Aseqale phansi amadokodo ‘amaphara’

by | 19 February 2026


ASEZAKHELE ilokishi nendawo yokuhweba amaphara, ahlala ngaphansi kwebhuloho, e-Albert Park, uma ungena edolobheni eThekwini, uqhamuka ngaseMlazi.
Kuyaphithizela laphaya, kudayi-swa izinto ezinhlobonhlobo, kodwa okugqamile kuzona yizidakamizwa. Kulawo maphara, ku-khona ayizithandani, asebeqome-ne, bagxumeka amadokodo abalala kuwona.


Onkabi laba, banenkani, bathi umasipala weTheku, mawubazamele indawo yokuhlala ephephile, uma uzimisele ngempela ngokuthi bathuthe kuleli dolobha.
UMasipala weTheku usuzame imikhankaso eminingi ukuxosha laba bantu enkabeni yedolobha, kodwa imizamo iphelela emoyeni njengezithukuthuku zengcanga.


Ngemuva kokuba ILANGA libo-ne sekugxunyekwe amatende kule ndawo, eku-Che Guevara Road, owawaziwa ngokuthi uMoore Road, ngaphasi kwamabhuloho, linikele khona, laxoxa nababuyele kule ndawo.
Sebesungule namakomidi, ana-bakhulumeli babo ngoba bethi banamalungelo nabo.

UMnu Kasjumo Babangoma, odabuka eKenya, ongusihlalo wekomidi elibhekelele inhlanzeko kule ndawo, uthe: “Umasipala uyasihlupha kakhulu, uyasijaha, usishisele izimpahla zethu.
“Ngikhuluma nawe nje, abanye abahlali bayafa ngenxa yokushi-selwa imishanguzo yabo. Esifisa ukuba umasipala ukwenze, wukuthi usitholele indawo ephephile, ukuze sihlale kuyona,” esho.
UNkz Nondumiso Zuma (30), waseMgungundlovu, utshele ILANGA ukuthi impilo inzima kule ndawo abahlala kuyona.
“Sinzima kakhulu isimo esibhe-kene naso lapha. Ngiyafisa uku-hlukana nale mpilo yokuhlale ngibalekela amaphoyisa, kodwa angazi ngizophuma kanjani kuyona,” ebalisa.


Uyakuqalekisa okwamfaka ezidakamizweni.
“Ngayengwa yisinqandamathe sami ukuthi ngingene ezidakami-zweni. Ngangijwayele ukubhema insangu, langa limbe yena wangifakela iwunga, kwaba wukuqala kwami. Kumanje ngiyisigqila soca-nsi la, ngidlala abafana ngoba ngiphila ngokuhlale ngikweleta, bangikhokhise ngomzimba wami.
“Sengihlale iminyaka eminingi la, ngiphila le mpilo. sifisa umasipala usitholele indawo ephephile asihlalise kuyona,” esho.
Abantu bakhona bayehla, bayenyuka, bangena enkabeni yedolo-bho babuye bethwele imithwalo enhlobonhlobo yokuziphilisa.
Abanye bazilalele kula matende abawagxumekile, abanye baya-phuza, abanye bayabhema. Kukhona abaphethe imijovo enezidakamizwa abazijova ngayo.


Babodwa abawasha izingubo zabo, kukhombisa ukuthi bahlezi emakhaya abo impela.
Ngakolunye uhlangothi sekukhona nabadayisayo, abazenzela imali.
Okhulumela umasipala weThe-ku uMnu Mandla Nsele uthe banolo ulwazi ngalaba abahlala
emgwaqweni u-Che Guevara Road (Moore Road). “Sinezinhlelo ezi-nqinile zokuhlanza imigwaqo
yeTheku.
Mayelana nabantu abahlala emgwaqweni, umkhandlu usaxo-xisana nabo ngenhloso yokuba-tholela indawo yokuhlala yesikhashana e-Illovo lapho bezofike bathole usizo oluphelele nolwezimpilo,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...