Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ashayisana ngamakhanda amathwasa enyanga ebulawe ebuka

Ashayisana ngamakhanda amathwasa enyanga ebulawe ebuka

by | 29 October 2025

BADUNGUZA ebumnyameni ngekusasa labo abesilisa nabesifazane abangamathwasa abebesadinga ukubanjwa yizandla zikagobela wabo, odlule emhlabeni emuva kokudutshulwa wabulawa ngabantu abangaziwa ngenqwaba yezinhlamvu esemzini wakhe ePhelandaba, eManguzi, KwaMhlabuyalingana.

UMnu James Mthembu (61) wehlelwe yilo muga esemzini wakhe ngezithuba zasebusuku ngoLwesihlanu. ILANGA lifike emzini kamufi isimo simuncu ngoMgqibelo emini.

UMthembu ungomunye wabelaphi bendabuko abebenamathwasa amaningi KwaMhlabuyalingana futhi ubalwa nabelaphi ababeke ebalazweni indawo yaKwaMhlabuyalingana, ngenxa yemisebenzi yakhe. Udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa amahlandla angaphezulu kuka-30.

Leli phephandaba lithole ukuthi uubusaqhubeka umsebenzi wokwelashwa kwabantu abafike ngoba bezofuna usizo kwaMthembu. Kuvele ukuthi umufi ubeseyifundisile enye yamakhosikazi akhe umsebenzi wokwelapha, kodwa iningi labantu belisakholelwa kakhulu kuyena.

Ingxenye yabebethwasa kuMthembu futhi abebekhona ebulawa, batshele ILANGA ukuthi kabazi ukuthi kuzokwenzekani ngabo ngoba bebesazidinga izandla zikamufi. Abanye baveze ukuthi bese kuseduze ukuba kufike izinsuku zabo zokubuyela emakhaya, njengoba bese kuyisikhathi behlala emzini kamufi, ngenhloso yokudla igobongo.

Owesifazane waseMpumalanga, ocele ukuba kugodlwe imininingwane yakhe, uthe kube wumzuzu onzima kuyena ukubona ugobela wakhe ebulawa phambi kwakhe.

“Nginezinyanga eziwu-8 ngihlala lapha kwaMthembu. Selokhu ngafika ngisavakashe kanye ekhaya ngoba ngihlalele ukudla igobongo njengokuyalelwa yidlozi. Bekusele izinyanga ezine ngibuyiselwe ekhaya. Okwenzekile kwenzeke ngibuka. Ngizwa ubuhlungu ngoba ukubulawa kwakhe kufana nokubulawa komzali wami,” esho.

ILANGA lifike uqhubeka umsebenzi wokwelashwa kwabantu abebevele bekhona nalabo okwenzeke isigameko sebevele behlele ukufika.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...