Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ashayisana ngamakhanda amathwasa enyanga ebulawe ebuka

Ashayisana ngamakhanda amathwasa enyanga ebulawe ebuka

by | 29 October 2025

BADUNGUZA ebumnyameni ngekusasa labo abesilisa nabesifazane abangamathwasa abebesadinga ukubanjwa yizandla zikagobela wabo, odlule emhlabeni emuva kokudutshulwa wabulawa ngabantu abangaziwa ngenqwaba yezinhlamvu esemzini wakhe ePhelandaba, eManguzi, KwaMhlabuyalingana.

UMnu James Mthembu (61) wehlelwe yilo muga esemzini wakhe ngezithuba zasebusuku ngoLwesihlanu. ILANGA lifike emzini kamufi isimo simuncu ngoMgqibelo emini.

UMthembu ungomunye wabelaphi bendabuko abebenamathwasa amaningi KwaMhlabuyalingana futhi ubalwa nabelaphi ababeke ebalazweni indawo yaKwaMhlabuyalingana, ngenxa yemisebenzi yakhe. Udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa amahlandla angaphezulu kuka-30.

Leli phephandaba lithole ukuthi uubusaqhubeka umsebenzi wokwelashwa kwabantu abafike ngoba bezofuna usizo kwaMthembu. Kuvele ukuthi umufi ubeseyifundisile enye yamakhosikazi akhe umsebenzi wokwelapha, kodwa iningi labantu belisakholelwa kakhulu kuyena.

Ingxenye yabebethwasa kuMthembu futhi abebekhona ebulawa, batshele ILANGA ukuthi kabazi ukuthi kuzokwenzekani ngabo ngoba bebesazidinga izandla zikamufi. Abanye baveze ukuthi bese kuseduze ukuba kufike izinsuku zabo zokubuyela emakhaya, njengoba bese kuyisikhathi behlala emzini kamufi, ngenhloso yokudla igobongo.

Owesifazane waseMpumalanga, ocele ukuba kugodlwe imininingwane yakhe, uthe kube wumzuzu onzima kuyena ukubona ugobela wakhe ebulawa phambi kwakhe.

“Nginezinyanga eziwu-8 ngihlala lapha kwaMthembu. Selokhu ngafika ngisavakashe kanye ekhaya ngoba ngihlalele ukudla igobongo njengokuyalelwa yidlozi. Bekusele izinyanga ezine ngibuyiselwe ekhaya. Okwenzekile kwenzeke ngibuka. Ngizwa ubuhlungu ngoba ukubulawa kwakhe kufana nokubulawa komzali wami,” esho.

ILANGA lifike uqhubeka umsebenzi wokwelashwa kwabantu abebevele bekhona nalabo okwenzeke isigameko sebevele behlele ukufika.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...