Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli akakhathazekile ngesiphakamiso seMK Party

UNtuli akakhathazekile ngesiphakamiso seMK Party

by | 14 October 2025

UNDUNANKULU waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli uthi akakhathazekile futhi siwumsangano isiphakamiso esifakwe iqembu eliphikisayo eSishayamthetho sakulesi sifundazwe iMK Party sobungabuthembi ubuholi bakhe obhlanganisa amaqembu ahlukene.

NgoMsombuluko kusabalale incwadi yelungu leMK Party iNkosi Phathisizwe Chiliza eyibhalele uSomlomo weSishayamthetho uNkk Nontembeko Boyce efaka isiphakamiso sokungabuthembi ubuholi bukaNtuli ngaphansi kwesigaba somthethosisekelo waseNingizimu Afrika 130 (3b) no(3C).

Kule ncwadi iNkosi Chiliza ifaka isicelo esiphuthumayo sokuthi kube nomhlangano oyisipesheli eSishayamthetho lapho kuzoba nenkulumo-mpikiswano futhi kuvotelwe lesi siphakamiso.

Inkosi inxusa ukuthi lo mhlangano ubanjwe esikhathini esingamasonto amabili ngemuva kokuba uSomlomo ethole le ncwadi.

Ephawula ngalokhu uNtuli ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eMayville lapho kuqhubeka khona umhlangano wekhabhinethi uveze ukuthi kuwumsangano ukuthi kube nesiphakamiso salolu hlobo ekubeni kunozinzo esifundazweni.

UNtuli uthe asimkhathazi lesi siphakamiso ikakhulukazi njengoba siqhamuka eqenjini ebelivele lingabuthembu lobu buholi kusukela ekuqalei kwabo.

“Uyakhumbula ukuthi vele babesinike izinyanga ezintathu ngakho akukho engingakusho ngalesi siphakamiso ngaphandle kokuthi isifundazwe siza kahle futhi kunozinzo.

Uma ubheka iKwaZulu Natal isona sifundazwe esikhombise ukukhula ngokomnotho ngo-0.8% nokusho khona ukuthi zikhona izinhlelo zokusimama,” kusho uNtuli.

Uthe kuzobonakala uma lesi siphakamiso se-MK sizophumelela noma cha.

Ezisematheni

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua "Terror" Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza. Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela...

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi. UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini,...