Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuza izinguquko ezinqala kwezemfundo ephakeme eNingizimu Afrika

Kuza izinguquko ezinqala kwezemfundo ephakeme eNingizimu Afrika

by | 14 August 2025


SAMUKELWE yizinhlangano ezahlukene isimemezelo sikaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme,uMnu Buti Manamela (osesithombeni), sokuthi kuzokwenziwa izinguquko ezinqala kwezemfundo ephakeme.

UManamela uthi uhlelo lwezemfundo nokuqeqeshwa, lunhlakanhlaka (fragmented), futhi lunokungalingani.

Phakathi kwezinto azibalulile ngesikhathi ekhuluma esigcawini sabezindaba kuleli sonto, wukuthi amakhono amaningi afundiswayo, akuwona adingekayo emnothweni wezwe.

Usho kanjena nje, yinqwaba yentsha eduve emakhaya namajazi eziqu zemfundo ephakeme. Kukhalwa ngokuthi kutshalwa imali eningi kufundiswa intsha ezikhungweni zemfundo ephakeme, kodwa ingawutholi umsebenzi emuva kokuphothula izifundo zayo.

Kukhona nemibono yokuthi kunenqwaba yezifundo ezenziwa emanyuvesi, ezingekho mqoka kulesi sikhathi samanje, namakhono angasadingeki emnothweni.

UManamela uthi ezinsukwini ezedlule, baxhumane nezinhlaka ezahlukene, okubalwa kuzo izitshudeni, abafundisa izitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme, abaphathi bezikhungo zemfundo ephakeme, izinhlaka zezisebenzi, abamabhizinisi nomphakathi, kwacaca ukuthi sikhona isidingo salolu guquko.

NgoLwesithathu, inhlangano edlelana ne-ANC – emele izitshudeni, iSouth African Students Congress (Sasco), – ithe iyalwemukela uguquko eza nalo ungqongqoshe. Ithe ngaphandle kokwenziwa koguquko oluphuthumayo kwezemfundo, izitshudeni zizoqhubeka nokuthola iziqu ezizohlala nazo emakhaya, zingawutholi umsebenzi.

UManamela uthe ngonyaka ozayo umnyango wakhe uzosingatha ingqungquthela kazwelonke yezemfundo ephakeme, lapho kuzodingidwa futhi kuvunyelwane ngamakhono adingekayo ezweni. Uthe bazolwakha kabusha uhlelo lwezemfundo ephakeme nokuqeqeshwa, balungise lokho okonakele.

UMnu Tshepo Louw, we-ANC ePhalamende, uthe nabo bayalwemukela lolu guquko olumenyezelwe nguManamela.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...