Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuza izinguquko ezinqala kwezemfundo ephakeme eNingizimu Afrika

Kuza izinguquko ezinqala kwezemfundo ephakeme eNingizimu Afrika

by | 14 August 2025


SAMUKELWE yizinhlangano ezahlukene isimemezelo sikaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme,uMnu Buti Manamela (osesithombeni), sokuthi kuzokwenziwa izinguquko ezinqala kwezemfundo ephakeme.

UManamela uthi uhlelo lwezemfundo nokuqeqeshwa, lunhlakanhlaka (fragmented), futhi lunokungalingani.

Phakathi kwezinto azibalulile ngesikhathi ekhuluma esigcawini sabezindaba kuleli sonto, wukuthi amakhono amaningi afundiswayo, akuwona adingekayo emnothweni wezwe.

Usho kanjena nje, yinqwaba yentsha eduve emakhaya namajazi eziqu zemfundo ephakeme. Kukhalwa ngokuthi kutshalwa imali eningi kufundiswa intsha ezikhungweni zemfundo ephakeme, kodwa ingawutholi umsebenzi emuva kokuphothula izifundo zayo.

Kukhona nemibono yokuthi kunenqwaba yezifundo ezenziwa emanyuvesi, ezingekho mqoka kulesi sikhathi samanje, namakhono angasadingeki emnothweni.

UManamela uthi ezinsukwini ezedlule, baxhumane nezinhlaka ezahlukene, okubalwa kuzo izitshudeni, abafundisa izitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme, abaphathi bezikhungo zemfundo ephakeme, izinhlaka zezisebenzi, abamabhizinisi nomphakathi, kwacaca ukuthi sikhona isidingo salolu guquko.

NgoLwesithathu, inhlangano edlelana ne-ANC – emele izitshudeni, iSouth African Students Congress (Sasco), – ithe iyalwemukela uguquko eza nalo ungqongqoshe. Ithe ngaphandle kokwenziwa koguquko oluphuthumayo kwezemfundo, izitshudeni zizoqhubeka nokuthola iziqu ezizohlala nazo emakhaya, zingawutholi umsebenzi.

UManamela uthe ngonyaka ozayo umnyango wakhe uzosingatha ingqungquthela kazwelonke yezemfundo ephakeme, lapho kuzodingidwa futhi kuvunyelwane ngamakhono adingekayo ezweni. Uthe bazolwakha kabusha uhlelo lwezemfundo ephakeme nokuqeqeshwa, balungise lokho okonakele.

UMnu Tshepo Louw, we-ANC ePhalamende, uthe nabo bayalwemukela lolu guquko olumenyezelwe nguManamela.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...