Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bafisa ukuthola ubulungiswa abashaywe bamabokoboko ‘besolwa ngokweba’

Bafisa ukuthola ubulungiswa abashaywe bamabokoboko ‘besolwa ngokweba’

by | 17 December 2024

THANDI ZONDI

BATHUKA izanya abesilisa ababili abashaywe ngumqashi wabo nabaqaphi bakhe bebasolwa ngokweba. UMnu Muzi Dlamini (42) noMnu Lucky Gumede (22) baseFraser, oThongathi, bathi bafisa kube nobulungiswa njengoba beshayelwe into abangayazi. Leli phephandaba likhulume noGumede olilandise ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.
“NgoLwesithathu ngathenga izinkukhu kade ngiphuma emsebenzini nomfowethu (Dlamini). Ngabe sengicela ukuthi angichuthise zona, kuthe masiqeda ngazifaka efrijini e-tuck shop yami,” esho.


Ngalobo busuku kwakukade kudlala ibhola ehleli nesithandwa sakhe nabangani nokuthe uma kuqhubeka isikhathi wabashiya waya kolala endlini yakhe engaphandle kwasesitolo. Uthi wabe eseshiya ukhiye ukuze bakhiye uma kuphela ibhola.
“Ngaso leso sikhathi ngalandela umfowethu, eyoboleka imali ewu R500 ngoba ethi kumele aye ekhaya. Sithe sisamile kanjalo kwaqhamuka imoto yama-security agada emsebenzini, yadlula ngesivinini. Sabuzana ukuthi kazi iyaphi,” kuchaza yena.
Uthi ngakusasa ngoLwesine okuwusuku okwenzeke ngalo isigameko ubizwe ngabaphathi, wathi sebengaphakathi bakhiye isango.


“Kuthe kusenjalo ngabona umfowethu naye ekhona. Kwabe sekufika imoto enabantu ababephethe izibhamu abathathu abangamaNdiya. Sabuzwa ukuthi besikuphi izolo, iphi imoto emnyama ebesihamba ngayo, sachaza ukuthi asazani namoto. Kwaba sizithintele iziqandu, baqala basishaya ngezibhamu, ngezipanela, ngezingodo yonke into ongase uyicabange. Silokhu sishilo ukuthi kasazi ukuthi bakhuluma ngani. Kunesikhathi la abake bazama khona ukusinquma iminwe nangezikere. Basiyisa ehlathini baqhubeka basishaya singazi lutho,” kuchaza yena.


Uthi sebeqedile ukubashaywa, umphathi wabo ubatshele ukuthi bangatsheli muntu ngokwenzekile.
“Ngathi uma ngithi ngiya emtholampilo wathi ngingayi khona noma kudokotela, wanginika uR200 wathi angithenge imithi yokuthoba neyezinhlungu ekhemisi. Uphinde wasibuza ukuthi siyawufuna yini umsebenzi, savuma, wasiyalela ukuba singatsheli muntu ngokwenzekile, sizoqhubeka nokusebenza. Ngikholwa ukuthi lokhu kuyindlela yokusikhohlisa ngoba bazi ukuthi siyafuna ukusebenza. Saphinde sasatshiswa ngokuthi uma sisafuna ukubona imindeni yethu ngoKhisimusi, kumele singasho lutho kodwa thina besazi ukuthi ekugcineni sizoya emtholampilo bese sivula necala. Okwenzekile kubuhlungu angikufiseli muntu, kungehlise isithunzi nakubantu abathenga esitolo sami. Nginovalo akulaleki, angikwazi nokuhamba, umfowethu yena ufake ngisho ukhonkolo kunzima ukuzenzela ezinye izinto. Kuyishwa ukuthi kusenabantu abakwazi ukuzenzela kanje kwabamnyama” esho.

Uthi bafisa ukuthola ubulungiswa kulolu daba. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda uthi amaphoyisa asoThongathi aphenya icala lokushaya nelokukhomba ngesibhamu bekungakaboshwa muntu.

tzondi@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...