Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bafuna ukuvikelwa abokufika abenqaba ukususwa emgwaqweni eThekwini

Bafuna ukuvikelwa abokufika abenqaba ukususwa emgwaqweni eThekwini

by | 16 September 2026

INHLANGANO ethi ilwisana nokucwaswa wabokufika, iSiyafana Sonke Action Campaign, ithi uhulumeni akabavikela abokufika ababalelwa ku-250, abenqaba ukuya esikhungweni iLindela Repatriation Centre, eGauteng.

Inhlangano engenzi inzuzo, iGift of the Givers, ngoLwesibili, ikhiphe amabhasi ukuthi athuthele abakufika abakanise ngaphandle kwamahhovisi, oMnyango wezaseKhaya, egwaqweni uChe Guevara, eThekwini, koLindela baseGauteng.
Abokufika bese behlale ngaphandle kwala mahhovisi kusukela ngenyanga kaNhlaba (May).

Okhulumela iSiyafana Sonke Action Campaign, uBishop Raphael Bahebwa, uthi ukuthuthela abokufika koLindela kuwukuhlukumeza amalungelo abo.

“Ukuthuthela abantu kulaboLindela akusona isixazululo. Leziya ndawo zifana nasemajele, futhi nezimo zazo azikulungele ukuhlala abantu. Sifuna uhulumeni, amaphoyisa, nezinhlaka zomthetho zingenelele, zivikele abantu abangafuni ukuya kulezi zindawo,” esho.

Abokufika, abasahleli kuChe Guevara Road, basanda kutholana phezulu namalungu eMarch and March, ngoba asephinde asonga ngokuthi azoba nokhukhulelangoqo wombhikisho ngomhla ka-30 kwephezulu.

Ezisematheni

‘Kuzoba nzima ukuthatha izinqumo eKZN kuchithwa uShinga’

‘Kuzoba nzima ukuthatha izinqumo eKZN kuchithwa uShinga’

UKUCHITHWA yinkantolo kobengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, Kwa-Zulu-Natal, uNkz Mbali Shinga (osesithombeni), kuzonqinda amandla uhulumeni wesifundazwe ukuthi ukwazi ukuthatha izinqumo ngokukhululeka njengoba iqembu lakhe iNational Freedom Party (NFP),...

Kwexwayiswa umphakathi ngemvula enamandla engadala izikhukhula

Kwexwayiswa umphakathi ngemvula enamandla engadala izikhukhula

IZANGOMA zezulu zakwaSouth African Weather Service (Saws) sezikhiphe isexwayiso esikuLevel 6 ngezimvula ezinamandla okulindeleke ukuthi zihlasele ezindaweni ezigudle ugu lwesifundazwe iKwaZulu-Natal. Lezi zimvula - ezingase zidale izikhukhula, zilimaze nengqalasizinga...

I-ANC isichithwe yinkatolo ngolwamakhansela angabhalisiwe

I-ANC isichithwe yinkatolo ngolwamakhansela angabhalisiwe

INKANTOLO yezoKhetho isisichithile isicelo se-African National Congress (ANC) sokuthi kufakwe ohlwini lwaka-IEC amagama amakungu ayo angu-181 abezoyimela embangweni wezikhundla zobukhansela okhethweni lohulumeni basekhaya.. I-ANC ihlulekile ukubhalisa ngaphambi...