
BASIKA iphethini kuRomeo Khumalo owayengumphathi-siteshi weMetro FM, abaphathi abasha boKhozi FM, abasembhidlangweni wokushintsha indlela yokusebenza kulo msakazo wakwaSABC.
ILANGA lithole ukuthi isimo simanzonzo kulesi siteshi, kulandela ukutshelwa kwabasakazi nophrojusa ukuthi ngeke zivuselelwe izinkontileka zabo njengoba kuzoqala uMbasa (April). Umthombo uthe umphathi wesiteshi uLwazi Mthabela, wenze umhlangano ngohlelo lwe-virtual, lapho abasakazi benganikwanga ithuba lokuphefumula.
Lokhu kuthiwa kubadinile, kwazise bakholwa wukuthi njengoba bese besebenze isikhathi eside oKhozini FM, bekumele bahlonishwe, bangaxoshiswa ‘okwamavukane’. Leli phephandaba lingakuveza ukuthi bawu-8 abantu abagawulwe yizembe.
Phakathi kwabo kunabasakazi uSipho DJ Sgqemeza Mbatha owenza iBreakfast Show, uLucky Nkosi, ophrojusa uHlengiwe Khumalo noSphongo Dladla nomethuli wezemidlalo uMhlonishwa Sibisi. Kuthiwa nekusasa lomethuli wePrime Time Sports, uVictor Molefe, alaziwa njengoba kuthiwa kunecala alivulelwe ngezinsolo zokwephula umthetho.
Umthombo wasoKhozini ubabaze isibindi sabaphathi abasha sokungasabi ukwenza izinguquko ezinqala. Bathi babona kuyigxathu elizoshintsha kakhulu lo msakazo, ngoba bafuna ukhule kakhulu kunakuqala.
“Uzokhumbula ukuthi uRomeo Khumalo enikwa izintambo kwaMetro FM, waxosha inqwaba yezintandokazi zabasakazi ezinjengoGrant Shakoane, uTim Modise, uVusi Letsoalo, uBertha Charuma, nabanye. Yize kwaba nokukhala nendumalo, kodwa lezo zinguquko zawenza umehluko, isiteshi sadlondlobala sayenza nemali ngoba saqasha ulozolo lwabasakazi abafika negiya elisha.
“Ngibona abaphathi bezokwenza omkhulu umehluko ngalezi zinguquko,” kusho umthombo.
Kuvela nokuthi uProgrammes Manager uLango Cele ufike nomthetho wokuthi kube ne-register lapho bonke abasakazi bebhalisa khona, ngoba kuthiwa abanye besebezenzela umathanda, sengathi yikoninalume. I-SABC ithunyelwe i-email ngalezi zinsolo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingaphendulile.







