Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bafuna iNgoma kaZwelonke ikwazi ukuphilisa amagoso

Bafuna iNgoma kaZwelonke ikwazi ukuphilisa amagoso

by | 13 May 2026

NGUMSUNGULI weNgoma kaZwelonke uMnu Xolani Mcineka ephahlwe ngabaculi bakamaskandi, uBahubhe Mkhize noKhuzani Mpungose, abangamanxusa alo mcimbi.

KUPHONSELWE inselelo uhulumeni ukusebenzisa namaqembu engoma emicimbini oyenzayo, ungagxili kubaculi kuphela. Lokhu kuvezwe ngoLwesihlanu eThekwini, kwethulwa ngokusemthethweni iNgoma kaZwelonke yakulo nyaka, ezokuba mhla ka-27 kuNhlangulana (June), ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini.

Umsunguli weNgoma kaZwelonke, uMnu Xolani Mcineka, uthe kumele ingoma iphenduke imboni ezophilisa amagoso, kudidiyelwe abaculi namagoso uma kwenziwa imicimbi, ibekhona ingoma yehlombe. Uthe imizamo yokusungulwa kwale ngoma, wukuthuthukiswa kwamagoso. Uthi akekho owayazi ukuthi ingoma ingabanjelwa eMoses Mabhida, ikhishwe emahostela, futhi athole nemali yensipho amagoso, okuyinto ebingenzeki phambilini.

UMcineka uthe nangesikhathi beqhamuka nezinhlelo zokuthuthukisa ingoma, kunababengahambisani nokuthi kukhishelwe amagoso imihlomulo, bethi imali izobulala ingoma.

“Uma kufika ushintsho, kukhona abangahambisani nalo. Ngakho-ke lezi zinguquko esizenzile kwiNgoma, sifuna kube khona okuzophilisa amagoso ngazo. Sekuyisikhathi sokuthi ingoma ibe yimboni yokuphilisa amagoso,” kusho uMcineka.

Uthe kulo nyaka iNgoma kaZwelonke izophenduka udwendwe. Uthi kuzobe kulwa impi yamakhono. Umdlalo weqhude uthi uzobe uphakathi kwesifunda iKing Cetshwayo neZululand.

“INgoma kaZwelonke yimpi yodwa kulo nyaka. Intaka ibekelwe amazolo. Kuzobe kuliwa ngayo yonke indlela yekhono lokugida, ngoba kasikho isifunda esizovuma ukwehlulwa. Asefungelene-ke amagoso ngezinhlelo zawo zokulungiselela usuku olukhulu,” esho.

Kulo nyaka awu-60 amaqembu azoshiyelana inkundla. UMcineka uthe kuzophinde kube nempi yomdlalo phakathi kwamaqembu aseNquthu, okuyiMpangele neMpi yaseNcome.
Uthi amanye amaqembu okuzobe kuyizinkani zababili, yiqembu uVansi neNgxangala.

“Amagoso azimisele kakhulu kulokho, kodwa-ke siyafisa ukucacisa ukuthi besingeke siwathathe wonke amaqembu ngoba ongaphakathi engomeni usebenzela ukungaphumi, osemnyango ufuna ukungena. Lokho-ke kwenza kube nzima kakhulu emdlalweni weNgoma kaZwelonke,” esho.

Abaculi bakamaskandi abanga-manxusa ale ngoma, uBahubhe noKhuzani, bebekhona, kubalwa namagoso. Kuzobe kungenwa mahhala, amathikithi adayisayo ngawezicukuthwane.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...