
Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile.
Imbeleko esikhulume ngayo ngeyenzelwa umntwana, okuyisiphandla. Kukhona nalapho ubaba ekhunga umntanakhe ngokuthi amenzele isilwane, athi siyimbeleko, okungekhona lokhu kokubeletha ingane emhlane. Iyahambisana kakhulu nomkhuba kumbe usiko ngokuthi umntwana abanye bamngenisa esibayeni, bamenzele usiko lwabo ngokwesibongo kumbe ngokomndeni, kuthiwe wenzelwa imbeleko. Konke kwenziwa ngembuzi. Kukhona abayaye baklekle, abanye badebeze ngaleso sikhathi somcimbi konke kungene ngaphansi kwembeleko.
UMNTWANA WENTOMBAZANE
Umntwana-ke wentombazane ugadwa kakhulu yizalukazi ngokuthi njalo zihlale zihlolwa ubuntombi bakhe, ukuze kuthi lapho esethomba, enzelwe into esuke ibabaza kokunye isusa ukungcola ngosiko lomsebenzi obizwa ngomhlonyane. Ingane yentombazane ibithi uma ikhula, kubonakale kuqala ukuhlosa kwamabele, okwakuthiwa izilinga – izalukazi zaziwashaya ngomshanelo lawo mabedlana zithi, “sekuyini lokhu osekuphuma izilinga”. Kulapho unina wengane, ngoba naye wadlula kulokho, esebhekisisa manje okuzolandela, okuzokwenzeka enganeni.
Ngesikhathi kuhlosa amabele, nasebusweni isiyaqala ukuvela izinduna, kanti nokungabafanyana sekuyaqala ukulokhu kusondela, kuzibika okungatheni. Kulapho unina wengane esezokhuluma nodadewabo ukuthi uselindele noma yini engenzeka. Ingane sebezolokhu beyithela ngamanzi, kulindwe usuku lokuqhuma komkhuba. Uyothi ungaqhuma, isizibika ukuthi isibonani kuyona okungajwayelekile, nayo engakwazi nengakuqondi, kulapho unina eseyotshela odadewabo ukuthi kwasuka lokho. Isiyothathwa ivalelwe endlini.
UKWENZIWA KOMHLONYANE
Isizothathwa ingane ihlaliswe ngodadewabo noma ngabebutho layo, lokhu esithi wukugonqa. Lokhu kugonqa kwakungenasikhathi esinqunyiwe ngoba uma uyise esutha, wayeyigonqiswa ngisho izinsuku ezingaki. Kulokhu kugonqa akukhona ukuhlala nje, kodwa iyayalwa ngodadewabo abadala namaqhikiza ukuthi yini esiyenzekile empilweni yayo, ngakho sekufanele ukuba iziphathe kanjani.
Umgonqo wawenziwa ngecansi noma ngesiphuku, intombazane ihlale ngale kwecansi noma kwesiphuku. Kuyobe sekwaziswa omakhelwane, ontanga kumbe abebutho layo ukuthi mabazoyihlalisa. Kamuva-ke zonke izingane lezo zizokuzihuqa ngebovu, lona okunguyena usingaye, uzokugundwa izinwele ngoba kakufanele kumile ezintsha ngoba uma ephuma lapho useyokweluka impithi. Ukuphuma kwabo emgonqweni kulapho uyise wengane esenquma ukukhipha imbuzi ezohlatshwa, bese bephuma sebehamba, sebehlela emfuleni beyogeza leli bovu abebeligcobile.
Sekuyokuthi sekubuywa lapho, sekuyiwa esigcawini sekuyaculwa, futhi kuyagidwa.
AMACULO ASESIGCAWINI
Amaculo aculwa lapho kawamahle, ayizinhlamba nezichukuluzo ngoba kukhishwa leli bhadi okuthiwa livelele umntwana, kanti inhlanhla enkulu wukuthomba kwengane ngoba kusuke sekwaziwa ukuthi isisezingeni lokuthi isingathola abantwana noma nini. Uma bebuya emfuleni, uyise usezomthela ngenyongo, amfake isiphandla, kuthathwe inyongo isikhwama sayo sifuthwe, achonywe sona. Kulapho lokhu kuzoba wukuzigqaja kwabazali bengane ukuthi isihambe yaze yathomba nayo.
UMHLONYANE NOMEMULO
Ukuthomba-ke kwehlukile emikhutsheni yomemulo, ngoba umhlonyane singathi yisiko elimile, kanti umemulo wona wusiko, kumbe wumkhuba njengoba sike sachaza ngasenhla ukuthi abanye imbeleko bayithatha kanjani. Ukhona ongathi hhayi, imbeleko thina sazi kuwukuthi, kanti usho indlela yomndeni othile, okuwumkhuba kuwona, kodwa okungesona isintu.
Sithi masikusho lokhu ngoba kukhona abenza umemulo, kodwa umhlonyane bangawenzi, kanti bayeka okukhulu, okuyikhona okuyisidingo esikhulu ekukhuleni kwengane yentombazane. Abanye benza umhlonyane bawuhlanganise nomemulo, okuyinto entsha ngoba umemulo unendlela yawo, engenasidingo esingako njengesiko lomhlonyane. Enkundleni yethu elandelayo, siyokuchaza kabanzi ukuthi umemulo kungani ungabi yisiko, indlela oziveza ngayo nendlela owawuthathwa ngayo esikhathini sakudala.
UKWEHLUKA KOKUGONQA
Ngokwenza konke lokhu, ingane isuke isithathwa ngokuthi sekufanele igqoke ngendlela ethile, iziphathe ngendlela ethile, bese ilokhu ihlolwa ubuntombi bayo. Ukugqoka kwayo sekuzokwehluka ngokuthi ithungelwe umutsha. Lo mutsha-ke wawuba nemigungqulu emibili, kanti owetshitshi wona wawuba yimigungqulu emithathu. Useyoqhubeka-ke umntwana nokuziphatha okuhle, aze naye alethele abazali bakhe izinkomo, eselokhu eyintombi nto, okwakuyinto eyayilindelekile enganeni yentombazane.
Prof Bhedlindaba “VVO” KaLuPhuzi Mkhize (PhD).
Honorary Professor @Ancestorology School of Arts: Discipline Theology and Religion
University of Kwa-Zulu Natal
MkhizeV1@ukzn.ac.za.
President/Founder: Umsamo Institute.
Isigodlo saseMlambomunye
www.umsamo.org.za
info@umsamo.org.za
Tel 033-3423945
087 11 00 555
010 0075294







