Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Iphalamende lizovotela isiphakamiso sokushintsha ukuphasa ngo-30% kumatikuletsheni

Iphalamende lizovotela isiphakamiso sokushintsha ukuphasa ngo-30% kumatikuletsheni

by | 2 December 2025

KULINDELEKE ukuba namuhla ngoLwesibili amalungu ePhalamende avote mayelana nesiphakamiso seBuild One SA (Bosa) sokushintshwa kwenani lamamaki okuphashwa ngawo kumatikuletsheni, sisuswe ku-30% siye ku-50%.

Lokhu kuza ngemuva kwenkulumo-mpikiswano yangoLwesihlanu lapho uMnu Mmusi Maimane, ongumholi weBosa, ethe njengoba izwe libhekene nenkinga yokweswela umsebenzi kwentsha, ukugcina amamaki okuphasa ku-30% kuwukuzenzela phansi. Ziningi nezinye izinhlaka ezikhala ngokuthi u-30% kawusho ukuthi usukulungele ukusebenza.

IBosa ithi kumele kubuyekezwe izinga lokuphasa, libuyiselwe ku-50%, njengoba ikholelwa ekutheni lokhu kuzokwenza othisha babhukule, kwenyuke izinga lemfundo ezweni.

“Mawuqedwe lo 30% okuphaswa ngawo manje. Sekuyisikhathi iBosa isho lokhu kodwa kubonakala sengathi uhulumeni waseNingizimu Afrika uyawuvikela lo mgomo. Uma umuntu ethole u-30%, kusho ukuthi akazi lutho ngaleso sifundo. Lokhu kwenza kube kuncane kakhulu okulindelwe kothisha emsebenzini wabo,” kusho uMaimane.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...