Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Iphalamende lizovotela isiphakamiso sokushintsha ukuphasa ngo-30% kumatikuletsheni

Iphalamende lizovotela isiphakamiso sokushintsha ukuphasa ngo-30% kumatikuletsheni

by | 2 December 2025

KULINDELEKE ukuba namuhla ngoLwesibili amalungu ePhalamende avote mayelana nesiphakamiso seBuild One SA (Bosa) sokushintshwa kwenani lamamaki okuphashwa ngawo kumatikuletsheni, sisuswe ku-30% siye ku-50%.

Lokhu kuza ngemuva kwenkulumo-mpikiswano yangoLwesihlanu lapho uMnu Mmusi Maimane, ongumholi weBosa, ethe njengoba izwe libhekene nenkinga yokweswela umsebenzi kwentsha, ukugcina amamaki okuphasa ku-30% kuwukuzenzela phansi. Ziningi nezinye izinhlaka ezikhala ngokuthi u-30% kawusho ukuthi usukulungele ukusebenza.

IBosa ithi kumele kubuyekezwe izinga lokuphasa, libuyiselwe ku-50%, njengoba ikholelwa ekutheni lokhu kuzokwenza othisha babhukule, kwenyuke izinga lemfundo ezweni.

“Mawuqedwe lo 30% okuphaswa ngawo manje. Sekuyisikhathi iBosa isho lokhu kodwa kubonakala sengathi uhulumeni waseNingizimu Afrika uyawuvikela lo mgomo. Uma umuntu ethole u-30%, kusho ukuthi akazi lutho ngaleso sifundo. Lokhu kwenza kube kuncane kakhulu okulindelwe kothisha emsebenzini wabo,” kusho uMaimane.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...