Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bafuna umphenyi ozimele kwelokushona kukadokotela waseMshiyeni

Bafuna umphenyi ozimele kwelokushona kukadokotela waseMshiyeni

by | 20 May 2025

INHLANGANO eyengamele amalungelo ezisebenzi iPublic Services Association (PSA) iqoke ukungena emgaqweni yabhikisha ngaphandle kwamasango esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi, bezwakalisa ukungenami kwabo ngendlela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal osingethe ngayo udaba luka dokotela oshonele kulesi sibhedlela ngeledlule, Dkt Alulutho Mazwi, owanqatshelwa umphathi ukuba aphume emsebenzi ngemuva kokumbiklela ukuthi akazizwa kahle.

Ngokusho kokhulumela iPSA kulesi sifundazwe, uMnu Mlungisi Ndlovu, uthi le nhlangano kayikholwa ukuthi umnyango udaba uluphethe ngendlela efanele.
“Okwenza singagculiseki ukuthi siyezwa ngozakwethu ukuthi lomuntu osolwa ngokuba yimbangela yokufa kwakhe, wamiswa emsebenzini, uke wabonakala lapha emagcekeni esibhedlela. Okwesibili, siyalubona uphenyo umnyango olwenzayo kodwa umnyango kawukwazi ukuziphenya yikho sifuna loludaba luphenywe umuntu ongekho emnyangweni kodwa oziqondayo izinto eziphathelene nezempilo (Health Ombudsman),” esho.


Kwenzeka lokhu nje ihhovisi le-Health Ombudsman liveze ukuthi sekujutshwe uSolwazi Taole Mokoena, ukuba aphenye ngokwaholela ekufeni kukaDkt uMazwi. Leli hhovisi lithi loluphenyo luzogxila ekubhekeni izimo abesebenza ngaphansi kwazo kanye nemithetho okungenzeka ukuthi yephuliwe. Lithi uzobe esekhipha izincomo neziphakamiso akholwa ukuthi umnyango kumele uzithathe.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...