Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bafuna umphenyi ozimele kwelokushona kukadokotela waseMshiyeni

Bafuna umphenyi ozimele kwelokushona kukadokotela waseMshiyeni

by | 20 May 2025

INHLANGANO eyengamele amalungelo ezisebenzi iPublic Services Association (PSA) iqoke ukungena emgaqweni yabhikisha ngaphandle kwamasango esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi, bezwakalisa ukungenami kwabo ngendlela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal osingethe ngayo udaba luka dokotela oshonele kulesi sibhedlela ngeledlule, Dkt Alulutho Mazwi, owanqatshelwa umphathi ukuba aphume emsebenzi ngemuva kokumbiklela ukuthi akazizwa kahle.

Ngokusho kokhulumela iPSA kulesi sifundazwe, uMnu Mlungisi Ndlovu, uthi le nhlangano kayikholwa ukuthi umnyango udaba uluphethe ngendlela efanele.
“Okwenza singagculiseki ukuthi siyezwa ngozakwethu ukuthi lomuntu osolwa ngokuba yimbangela yokufa kwakhe, wamiswa emsebenzini, uke wabonakala lapha emagcekeni esibhedlela. Okwesibili, siyalubona uphenyo umnyango olwenzayo kodwa umnyango kawukwazi ukuziphenya yikho sifuna loludaba luphenywe umuntu ongekho emnyangweni kodwa oziqondayo izinto eziphathelene nezempilo (Health Ombudsman),” esho.


Kwenzeka lokhu nje ihhovisi le-Health Ombudsman liveze ukuthi sekujutshwe uSolwazi Taole Mokoena, ukuba aphenye ngokwaholela ekufeni kukaDkt uMazwi. Leli hhovisi lithi loluphenyo luzogxila ekubhekeni izimo abesebenza ngaphansi kwazo kanye nemithetho okungenzeka ukuthi yephuliwe. Lithi uzobe esekhipha izincomo neziphakamiso akholwa ukuthi umnyango kumele uzithathe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...