
SEKUQUBUKE elinye itwetwe ngamanani angase yenyuke ngawo imikhiqizo kawoyela ekuqaleni kwenyanga ezayo, emuva kokwenyuka ngamandla kwentengo kawoyela ongahluziwe, njengoba kuvalwe izimakethe ngoLwesihlanu icela ku-$110 umphongolo.
Imbangela yalokhu kukhonjwa impi yakamuva ephakathi kweqembu lamavukelambuso eYemen, amaHouthi (asekwa yi-Iran), namasosha akuleliya lizwe, asekwa yiSaudi Arabia. Lokhu sekuphazamise ukuhamba kwemikhumbi emgudwini wolwandle, iStrait of Bab al-Mandab, ongeminye ebalulekile ekuthuthweni kukawoyela usuka eMiddle East, uyiswa emazweni ehlukene.
Lokhu kwandiswe wunswinyo emnothweni womhlaba oludalwe yimpi ephakathi kwe-Iran neMelika, ephazamise umgudu, iStrait of Hormuz, kanjalo nempi esidonse iminyaka ephakathi kweRussia ne-Ukraine. Kwenzeka lokhu nje, isimo besiqala ukuba ngcono emzileni iStrait of Hormuz, njengoba kuqhubeka izingxoxo zokudala uxolo phakathi kweMelika ne-Iran.
Nokho ukwenyuka kwakamuva ngamandla kwentengo kawoyela ongahluziwe, sekwenyuse itwetwe ukuthi isikhungo esicwaninga ngentengo kaphethiloli kuleli, iCentral Energy Fund (CEF), singaphakamisa ukuthi uphinde wenyuswe uphethiloli, uma isimo singaguquki.
Ngokwezibalo zakamuva zeCEF, uphethiloli ungase wenyuke ngo-R2 elitheni, okuzokwenza intengo kaphethiloli iphule irekhodi, njengoba kumanje iqala ku-R26.76 ilitha (93 Octane) no-R26.92 (95 Octane). Inani eliphezulu uphethiloli oke wafika kulona eNi- ngizimu Afrika wu-R28.06, okwenzeka ngoNhlangulana (June) wangonyaka odlule (u-2025).
Udizili wona ungase wenyuke ngokuphakathi kuka-R1.71 no-R2.05 elitheni, kuthi upharafini wenyuke ngo-R2.18.







