Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kubhekwe kuphinde kuhlehliswe ukulalelwa kolwethenda yeDigital Vibes

Kubhekwe kuphinde kuhlehliswe ukulalelwa kolwethenda yeDigital Vibes

by | 3 September 2025

NGUMNU Zweli Mkhize owayengungqongqoshe wezempilo.


KULINDELEKE kuphinde kuhlehliswe ukulalelwa kwecala elithinta owayengungqongqoshe wezempilo uDkt Zweli Mkhize nethenda eyanikwa inkampani iDigital Vibes, eyanyaniswa nabantu abasondelene naye.

Ngo-2021 umnyango wanika inkampani iDigital Vibes ithenda ka-R15 million yemikhankaso yokuqwashisa ngobhubhane iCovid-19 nokufundisa ngeNational Health Insurance (NHI). ISpecial Investigating Unit (SIU) ithi le nkampani yanikwa le thenda ngendlela engafanele futhi yayingawulungele lo msebenzi.

Phambilini kwakulindelwe ukuthi leli cala liqale ukuqulwa ngomhla ka-11 no-12 ku-August. I-SIU kuleli sonto inikwe imvume yokuletha obunye ubufakazi okuthiwa bugxibha namanye amalungu omndeni kaMkhize, abengavelanga ebufakazini obethulwe ngaphambilini. Ithi inobufakazi bokuthi kwasetshenziswa le thenda ukushushumbisa imali nokwenza inkohlakalo.

UMnu Kaizer Kganyago, okhulumela iSIU, uthi uphenyo lwabo luveze ukuthi kunabanye abantu nezinkampani ezahlomula kule thenda, bakhokhelwa bengenzanga msebenzi.

“Ukuze sikwazi ukubafaka kulolu daba, bekufanele senze i-affidavit, sicele iSpecial Tribunal ukuthi isivumele siyifake ebufakazini bethu. Lokhu kuzosinika igunya lokuveza laba bantu futhi sikwazi nokulandelela ukuba ibuyiswe le mali uma le thenda ihoxiswa,” esho.

Udaba lweDigital Vibes lube yifu elimnyama kuMkhize njengoba kwaze kwaphoqeleka ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa amnike ikhefu elikhethekile ukuze abhekane nalezi zinsolo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...