Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Bahalalisele umlingisi embeswa okwesine

Bahalalisele umlingisi embeswa okwesine

by | 22 December 2024

NGUBABY Cele wodumo kuZalo (kwesokudla) nomyeni wakhe.

UHALALISELWE ngabaningi umlingisi ongaconsi kubalandeli bakhe, uBaby Cele, ngemuva kokusabalala kwezithombe zomembeso wakhe.

UCele ungomunye wabalingisi abahlonishwayo kuleli kanti uthandwe kakhulu ngabantu ngendawo kaGabisile abeyidlala kuZalo.

Eminyakeni edlule uBaby uveze ukuthi uselandela ubizo lwakhe lokuba yisangoma, ngakho-ke usekhethe ukuthatha ikhefu ekulingiseni. Njengoba ebenzelwe umembeso nje, uzokube eseshada okwesine njengoba eseke washada amahlandla amathathu ngaphambilini, kodwa wabuye wahlukanisa.

Emshadweni wakhe wesibili, wayeshade noMnu Mandla Mabuza, okuthe uma ehlukana naye washada noMnu Thabo Maloka. Umshado wakhe noMaloka wawusesikhumulweni sezindiza, iVirginia Arirport, eThekwini uhanjelwe ngomntakabani. 

Ngaphambilini lo mlingisi uke wakhuluma ngokwehlukanisa emishadweni yakhe, wathi kakusabi buhlungu ngoba uyakholelwa ekutheni uma uphela, yingoba uthando lusuke lungasekho. 

Waphinde nokuthi emshadweni wakhe wokuqala wakhetha ukwehlukanisa ngoba umyeni wakhe wayemhlukumeza.

Ubongelwe nangabanye osaziwayo abebekhona emembesweni wakhe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...