Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Bahalalisele umlingisi embeswa okwesine

Bahalalisele umlingisi embeswa okwesine

by | 22 December 2024

NGUBABY Cele wodumo kuZalo (kwesokudla) nomyeni wakhe.

UHALALISELWE ngabaningi umlingisi ongaconsi kubalandeli bakhe, uBaby Cele, ngemuva kokusabalala kwezithombe zomembeso wakhe.

UCele ungomunye wabalingisi abahlonishwayo kuleli kanti uthandwe kakhulu ngabantu ngendawo kaGabisile abeyidlala kuZalo.

Eminyakeni edlule uBaby uveze ukuthi uselandela ubizo lwakhe lokuba yisangoma, ngakho-ke usekhethe ukuthatha ikhefu ekulingiseni. Njengoba ebenzelwe umembeso nje, uzokube eseshada okwesine njengoba eseke washada amahlandla amathathu ngaphambilini, kodwa wabuye wahlukanisa.

Emshadweni wakhe wesibili, wayeshade noMnu Mandla Mabuza, okuthe uma ehlukana naye washada noMnu Thabo Maloka. Umshado wakhe noMaloka wawusesikhumulweni sezindiza, iVirginia Arirport, eThekwini uhanjelwe ngomntakabani. 

Ngaphambilini lo mlingisi uke wakhuluma ngokwehlukanisa emishadweni yakhe, wathi kakusabi buhlungu ngoba uyakholelwa ekutheni uma uphela, yingoba uthando lusuke lungasekho. 

Waphinde nokuthi emshadweni wakhe wokuqala wakhetha ukwehlukanisa ngoba umyeni wakhe wayemhlukumeza.

Ubongelwe nangabanye osaziwayo abebekhona emembesweni wakhe.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...