Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-MK Party iyalele uDuduzile axolise ngokuthuka uShivambu

I-MK Party iyalele uDuduzile axolise ngokuthuka uShivambu

by | 11 February 2025

IQEMBU lezepolitiki i-MK Party seliyalele ilungu layo lePhalamende uNkk Duduzile Zuma Sambudla ukuba akhiphe isixolise ngemibhalo yakhe ezinkundleni zokuxhumana ebigxibha futhi ithunaza uNobhala Jikelele waleli qembu uMnu Floyd Shivambu.

Leli qembu liveze ukuthi liyazi ngale mibhalo ka-Duduzile ebhekiswe kunobhala wayo laveza ukuthi iwukwephula imigomo futhi ayihambisani nomthetho wokuziphatha waleli qembu. Liqhube ngokuthi lesi senzo sikaDuduzile sikhombisa ukuhlakaza nokuthunaza iqembu.

Ngokusho kwesitatimende saleli qembu uMengamli walo uMnu Jacob Zuma onguyise kaDuduzile usemyaleleukuba akhiphe isixoliso ngaphandle kokubeka imibandela kuNobhala Jikelele, amalungu aleli qembu nabona bonke abantu baseNingizimu Afrika.

UZuma uphinde wayalela uDuduzile ukuba axolise nasezinhlakeni zaleli qembu angaphansi kwazo okubalwa ikhokhasi yeMK Party ePhalamende likazwelonke nakwi-Pan African Parliament.

Umyalele ukuba akhiphe lezi zixolise ngokushesha. I-MK Party iveze ukuthi ngemuva kwalokhu kuzobe sekuqhubeka uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe lwangaphakathi oluhambisana nomthetho-sisekelo lwaleli qembu.

Liqhube ngokuthi uma uDuduzile ehluleka wukulandela le miyalelo uzothathelwa izinyathelo ezinqala ezingaholela ekutheni bunqanulwe ubulungu bakhe kuleli qembu futhi ahoxiswe kuzona zonke izinhlaka alimele kuzona.

Phakathi kwemibhalo kaDuduzile enkundleni yokuxhumana i-X (Twitter) kubalwa othi “U-Floyd uyinto engenamsebenzi” neminye emthukayo.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...