Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Balahlwe ngelakubo beqothwa wumuntu ‘abebeyomduna imoto’

Balahlwe ngelakubo beqothwa wumuntu ‘abebeyomduna imoto’

by | 19 October 2025

BAHLANGABEZANE nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili abesilisa abathathu abaqothwe ngezulu lezandla eShemula, bude buduze nedolobha laKwaSkhemelele, KwaMhlabuyalingana.

Kubikwa ukuthi abalisa abane bangene komunye wemizi yasendaweni, bavusa umnikazi wemoto ngoba befuna ukuyithatha. Umnikazi wemoto kuthiwa uvele wavulela ngezulu lezandla ebhekise kubona. Ababili basale enkundleni, owesithathu obaleke nenhlamvu washonela emgwaqweni, kanti owesine ubesagcwele amathafa.

Ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi bazwakalise ukuthokoza ngalesi sigameko, bancoma umnikazi wemoto ngokuba nesibindi sokuvikela into yakhe.

Kunezinsolo zokuthi lezi zigilamkhuba kungenzeka kube ngabantu ababodwa abasolwa ngokudubule babulale uMnu Sphamandla Maphanga obengumfuyi odumile eMkhanyakude. UMaphanga ubulawe maqede kwathathwa isibhamu nemoto yakhe, etholakale ilahlwe eSicabazini, KwaMhlabuyalingana.

Ubekwe namuhla ngeSonto endlini yakhe yokugcina eHluhluwe.

Ingaphezulu kweminyaka ewu-15 iminyaka kubikwa ngenkinga yokwebiwa kwezimoto zakuleli okusolakala ukuthi zephucwa abanikazi maqede zingene ngaphakathi eMozambique, zingabe zisabuyiswa kuleli.

Isigameko esenzekile singesesithathu ukwenzeka kule ndawo njengoba eminyakeni eyedlule senzeka eNdumo, okuyilapho khona umnikazi wemoto walalisa uyaca lwamadoda amane ayezomduna imoto. Kwesinye umufi, owayengunogada, wadlula emhlabeni namadoda amathathu awaqotha ngesibhamu sakhe i9MM ngesikhathi ezama ukumduna imoto yakhe iBMW.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...