Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Kube nomzuzu wamancoko, kwaphinde kwashuba isimo phakathi kukaRamaphosa noTrump

Kube nomzuzu wamancoko, kwaphinde kwashuba isimo phakathi kukaRamaphosa noTrump

by | 21 May 2025

UQALE kahle kuvunguza umoya wozwano umhlangano obuvuleleke kwabezindaba, obekubanjwe umoya ngawo, obuphakathi kukaMengameli Cyril Ramaphosa, noMengameli wase-United States, uMnu Donald Trump.

Lo mhlangano obuseWhite House, ngoLwesithathu emini ngokwesikhathi saseWashington DC, kubonakale uRamaphosa noTrump bekhululekile, bencokola, futhi kuhlelwa.

Kube nokuncokola, uTrump wakhulume kahle ngoRamaphosa emtusa ukuthi uyindoda ehloniphekile. NoRamaphosa ukhulume kahle ngeMelika, egcizelela ukuthi iNingizimu Afrika izimisele ngokuqhubeka isebenzisane neMelika, futhi kuqiniswe ubudlelwano ikakhulukazi kwezohwebo. Uze wapha uTrump isipho sencwadi yezegalofu, enezithombe ezikhombisa ngezinkundla zokudlala igalofu eNingizimu Afrika.

Kodwa isimo sishintshe sashuba ngesikhathi kuvuleka ithuba kwabezindaba lokuba babuze imibuzo. Yilapho kungene khona indaba eshisayo, yezinsolo zokuhlukunyezwa nokucwasa kwamabhunu eNingizimu Afrika, ukubulawa kwabalimi abamhlophe, nokuphucwa kwabamhlophe umhlaba wabo.

UTrump uqhubekile nokukhombisa ukuthi uyayikholwa imibiko yokuthi eNingizimu Afrika kubulawa abalimi abamhlophe, baphucwa nomhlaba wabo. Udlale i-video lapho uMengameli we-EFF uMnu Julius Malema lapho ecula khona ingoma yomzabalazo ethi enezinhlamvu ezithi “dubul’ ibhunu”.

Uphinde wadlala ne-video ekhombisa indawo eneqwaba yeziphambano okuthiwa iyisikhumbuzo sabalimi abamhlophe ababulawa.

URamaphosa uzamile ukuyiphebeza indaba yokuthi eNingizimu Afrika kuhlukunyezwa futhi kubulawa abamhlophe, nokuthi baphucwa umhlaba wabo. Nakuba kube wumzuzu onzinyana ngesikhathi kukhulunywa ngale ndaba, kodwa uRamaphosa akazange anyukelwe wumoya.

Injinga yaseNingizimu Afrika uMnu Johann Rupert ongumngani kaTrump, naye uphawulile njengoba ebekhona eWhite House, wachaza ukuthi iNingizimu Afrika ibhekene nenkinga yobugebengu jikelele, watshela uTrump ukuthi iNingizimu Afrika iluyaludinga usizo lweMelika lwezobuchwepheshe lokulwa nobugebengu.

Nakuba sike sashuba isimo, kodwa akuzange kubekhona ukujikijelana ngamazwe okwabonakala phakathi kukaTrump noMengameli wase-Ukraine uMnu Volodumyr Zelenskyy, eWhite House.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...