Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UMntwana uVanana usola itulo emuva ‘kokuxoshwa’

UMntwana uVanana usola itulo emuva ‘kokuxoshwa’

by | 14 February 2025

JOHN HLONGWA

USOLA itulo lokuqeda ngendlu yakwabo yaKwaMinyamanzi uMdidiyeli wamabutho, uMntwana uVanana Zulu okuvele ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini simkhombe indlela. Ngemuva kokuba kusabalale amahlebezi okuxoshwa kwakhe, ILANGA likhulume naye uMntwana uVanana obeyingxenye yebutho emcimbini wokushiswa kothi esigodlweni seSilo esisha eMashobeni, KwaNongoma.

Emcimbini wayizolo uMntwana uVanana ubengahambi phambili njengenjwayelo futhi ubebukeka ewumuntu ophansi, engenawo umfutho. Utshele ILANGA ukuthi ubesewezwile amahlebezi okuxoshwa kwakhe. “Kuyiqiniso, nami kade ngizwa ngabantu bengitshela ukuthi sengixoshiwe kodwa iNgonyama ibingakaze isho lutho kimi. Kukhona abantu abaphume umkhankaso wokuqeda ngendlu yakwethu kwaMinyamanzi ebukhosini baKwaZulu, bafuna kushanelwe konke okuphuma endlini yakwethu. Bayasinyundela, bafune sibonabakale njengabantu ababi eNdlunkulu naphambi kweNgonyama. Indlu yakwaMinya isale yodwa yeseka iSilo izindlu zonke seziqhelile. Namuhla njengoba sekukuhle sesiyakhishwa,” esho.

Uma echaza ngokukhishwa inyumbazane kwendlu yakwabo usho ukuxoshwa komfowabo uMntwana uSimphiwe obewumkhulumeli weSilo aphinde abe yiSo laso. “Ngikhuluma nawe nje kade siwa sivuka nomfowethu senza isiqiniseko sokuthi lesi sigodlo (eMashobeni) siyaphela. Umholi webandla lamaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni, iNkosi uMduduzi Nyazilwezulu Shembe ngabe ufike isibaya singakapheli kodwa mina nomfowethu sasebenza ngokuzikhandla sasiqeda. Imina ebengiya ehlathini neyinsizwa ngiyogawula izingodo ngingakhokhelwa ngisho isenti.


Izinsizwa bezidla izinkukhu ezithengwe imali yami kodwa kulungile amandla endoda awapheli. Indlu yakwethu abayifuni, ngeke ngidlale ngabaNtwana baseNdlunkuku ngithi yibo abaphusha lo mkhankaso, kunabantu nje phaqa abaphume lo umkhankaso futhi bafuna ukuqeda ngobukhosi buka Zulu,” kusho uMntwana uVanana. Uthi uma iSilo sibone kukuhle ukuthi simshenxise kayikho inkinga. “Uma iNgonyama ikubone kufanele ukuba ingixoshe, cha akukho cala. Kade vele abanye basho ukuthi ngeke kulunge eNdlunkulu uma kusekhona abaNtwana baKwaMinya. Bangisola ngokuthi mangibafundisa umthetho, bathi ngiyabangisa. Anginandaba nasikhundla ekugcineni ngiyibutho, ngizoqhubeka nokuba phakathi kwalo.

UMntwana uNathi waKwaMandlakazi okhulumela iSilo uthe, iSilo sike sambuza uMntwana uVanana ngoLwesibili kodwa asichazanga ukuthi simdingelani. “Engingakusho nje umdidiyeli akaxoshiwe ukhona” esho. UMntwana uVanana uqokelwe ukuba umdidiyeli wamabutho ngonyaka ka-2023 kulandela ukudlula emhlabeni kukaMnu Zihogo Mgiliji Nhleko. Uqokwe nesekela lakhe uMnu Sipho Mhlongo. Ubekhonze kakhulu ukuhuba amahubo akhuze izaga afundise amabutho.

Umthombo weLANGA uveza ukuthi uMntwana uVanana uxoshelwe ukudonsa amabutho awazungezise inkundla yezemidlalo eSandlwana ekubeni iSilo uMisuzulu wayesehleli phansi. Ngalo lelo langa umphathi wohlelo uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnu Mntomuhle Khawula wakhuza waze wayeka emtshela ukuthi akakwazi ukususa amabutho lapho kukhona khona iNgonyama. Ngaleso sikhathi uMntwana uVanana wayelokhu eqhubeke njalo nokuhola amabutho. Umthombo uphinde waveza ukuthi lesi sikhundla sizothathwa nguMnu Muzi Nyandeni ongomunye wabantu abajwayele ukubonakala behola phambili amabutho.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...