BANETHEMBA lokuthi ukuqashwa kwemenenja kamasipala kuzoletha uzinzo kuMasipala uMzumbe kulandela ukuqokwa ngokugcwele kukaMnu Shaka Cele.
UMnu Cele ongowokuzalwa khona eMzumbe, uqale ukusebenza ngomhla ka-2 kwephezulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulo masipala kuke kwangabakhona uzinzo njengoba ukuqokwa kukaNkk Nandi Dlamini obeyimenenja obambile phambilini kwenze lwangaba nozinzo kulandela ukunikezela ngethenda ka-R14 million engakaqedi nesonto efikile.
Lokhu kwenze amaqembu aphikisayo avuka umbejazana.
“Nginethulela uMnu. Cele ngethemba lokuthi konke kuzobuyela emgqeni. Emva kwezivunguvungu ezinkulu sekuze kwakhanya. Siyakwethemba Ndosi ukuthi uzosisiza kokuningi njengomkhandlu. Ngangikhona kwikomidi elakuqoka, amagalelo akho sawabona wasinika ithemba lokuthi umasipala wethu usezandleni eziphephile,” kusho uMnu Bongani Nyuswa oyiMeya, emethula emkhandlwini walo masipala.
UMnu Cele useke wasebenza komasipala abaningi okubalwa owesiaFunda aMajuba, owaseNewcastle, owaseDumbe owaseMlalazi, owasoThukela nowaseDannhouser lapho ebeyimeneja kamasipala khona.