Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Banethemba ngozinzo kuMasipala waseMzumbe kuqokwa iManenja

Banethemba ngozinzo kuMasipala waseMzumbe kuqokwa iManenja

by | 6 January 2025

BANETHEMBA lokuthi ukuqashwa kwemenenja kamasipala kuzoletha uzinzo kuMasipala uMzumbe kulandela ukuqokwa ngokugcwele kukaMnu Shaka Cele.

UMnu Cele ongowokuzalwa khona eMzumbe, uqale ukusebenza ngomhla ka-2 kwephezulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi kulo masipala kuke kwangabakhona uzinzo njengoba ukuqokwa kukaNkk Nandi Dlamini obeyimenenja obambile phambilini kwenze lwangaba nozinzo kulandela ukunikezela ngethenda ka-R14 million engakaqedi nesonto efikile.

Lokhu kwenze amaqembu aphikisayo avuka umbejazana.

“Nginethulela uMnu. Cele ngethemba lokuthi konke kuzobuyela emgqeni. Emva kwezivunguvungu ezinkulu sekuze kwakhanya. Siyakwethemba Ndosi ukuthi uzosisiza kokuningi njengomkhandlu. Ngangikhona kwikomidi elakuqoka, amagalelo akho sawabona wasinika ithemba lokuthi umasipala wethu usezandleni eziphephile,” kusho uMnu Bongani Nyuswa oyiMeya, emethula emkhandlwini walo masipala.

UMnu Cele useke wasebenza komasipala abaningi okubalwa owesiaFunda aMajuba, owaseNewcastle, owaseDumbe owaseMlalazi, owasoThukela nowaseDannhouser lapho ebeyimeneja kamasipala khona.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...