Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UMchunu usazoqhubeka nemisebenzi kaKhongolose

UMchunu usazoqhubeka nemisebenzi kaKhongolose

by | 11 November 2025

ISIGUNGU esiphezulu se-African National Congress (ANC), sisichithile isicelo sikaNgqongqoshe wamaPhoyisa onikwe ikhefu elisipesheli, uMnu Senzo Mchunu, sokuthi ahoxe ekwenzeni imisebenzi yenhlangano.

UNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, okhulumela i-ANC, uthi emhlanganweni weNational Executive Committee (NEC), obungempelasonto, udaba lukaMchunu kukhulunyiwe ngalo, kodwa kwathathwa isinqumo sokuba aqhubeke nokuthamela imihlangano yenhlangano, futhi akhankasele uKhongo-lose njengoba kunokhetho loHulumeni baseKhaya ngonyaka ozayo.

“Kayikho inkantolo esithole uMchunu enecala, futhi kalikho icala asebekwe lona. Ngakho useyilungu lenhlangano, futhi usazoqhubeka nokwenza imisebenzi yenhlangano,” esho.

UMchunu uthwale kanzima ngesikhathi ephonswa imibuzo yikomidi lesikhashana lasePhalamende elibheka izinsolo ezenziwa nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, zokugxambukela kosopolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa.

UMchunu usazovela kuKhomishini kaJaji Mbuyiseli Madlanga, nayo eyenza okufanayo nekomidi lasePhalamende. Abantu asebethule ubufakazi ekomidini lasePhalamende, bakhomba uMchunu ngenjumbane ngokuzama ukuhlakaza iPolitical Killings Task Team (PKTT) eyasungulwa ngo-2018, ukuphenya ngokubulawa kosopolitiki.

UMchunu nengqapheli yezodlame uNkk Marry De Haas, kuthiwa yibona ababanesandla ekuzameni ukuhlakaza iPKTT. Usomabhizinisi osahamba amacala, uMnu Vusimuzi “Cat” Matlala, nomngani wakhe, uMnu Brown Mogotsi, kuthiwa yibona ebebefaka uMchunu ingcindezi yokuhlakaza iPKTT.

UMengameli uCyril Ramphosa ngomhla ka-13 kuNtulikazi (July), wanika uMchunu ikhefu eliyisipesheli njengoba kusaphenywa ngezinsolo zikaMkhwanazi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...