Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Baqophe inhlanganisela kamaskandi nombhaqanga

Baqophe inhlanganisela kamaskandi nombhaqanga

by | 29 June 2025

NGUNQOBANI Dude weqembu lombhaqanga oFeleba, nomculi kaMaskandi iMfezi Emnyama.


AMACIKO omculo wesintu asungule iqembu elididiyele oshuni bezitayela ezimbili, esombhaqanga nomaskandi, ngenhloso yokwenza okwehlukile endimeni yomculo.

Lokhu kwenziwe yiMfezemnyama noNqobani Dube, weqembu lombhaqanga oFeleba. Basungule iqembu elibizwa ngeZeleveta. Leli qembu likhiphe i-albhamu entsha ngesonto eledlule, esihloko esithi, “Dilika Ntaba”.

Engxoxweni yeMfezi naleli phephandaba, iveze ukuthi bahlose ukwethula into entsha, engajwayelekile emculweni wesintu. Ithi indlela yokucula ayisebenzisile, izokhumbuza abathandi bephimbo layo ngesikhathi ifika emculweni, eminyakeni eyishumi eyedlule.

“Sihlangane nale nsizwa yombhaqanga senza into entsha, nesigingci esisetshenzisiwe, akusisona lesi sikamaskandi. Okukhulu kakhulu ngale albhamu wukuthi besifuna ukubonga ubaba uVelanto Thwala ngomculo owehlukile, simuphe wona singabheke lutho.

“Ubaba uThwala ulekelele amaciko amaningi endimeni yomculo, ewasiza ngaphandle kokuthi naye ufuna ukuzithuthukisa ngawo. Ngakho-ke lo mculo siwenzele ukumbonga naye ngenhliziyo yakhe evulelekile, yokusiza abantu,” kusho iMfezi.


Le albhamu ibophele izingoma eziwu-8.


“Ezinye ziculwa phambili nguNqobani Dube, ezinye yiMfezi (abasesithombeni esingezansi), – bese benikezelana ngamaphimbo phakathi nazo. UMfezi uthi bahlose ukuya kude kakhulu ngalesi sitayela esisha.

“Kuyaziwa ukuthi izinto ezintsha zifika nathi emculweni. Kule albhamu asiyifakanga nenkostina, ngoba kumele abantu bawuzwe umehluko weqembu elisha, elifikayo endimeni.

“Kubalulekile ukunikeza abathandi bomculo umsoco abangawujwayele, ngoba sebebaningi abaculi,” isho.

IMfezi ithe ukuhlobana kukamaskandi nombhaqa-nga kusuka kude, okwenze kwaba lula ukusebenzi-sana neciko lawo umbhaqanga. Itshele leli phephandaba ukuthi bayafukulana kule albhamu.

“Lo msebenzi esiwenzile uzosifukula noNqobani ngoba emculweni kunanezikhathi ezimbi, ezisehle-layo, ezenza ukuba alimale amagama ethu. Igama lami belishayeke kakhulu ezinkundleni zokuxhu-mana, abanye bephume umkhankaso wokuthi balilimaze.

“Ngakho-ke sibuya ngamandla ngoshuni omusha,” kusho iMfezi.

Le albhamu itholakala ezitolo ezidayisa umculo online. Phakathi kwamanoni aboshelwe, kubalwa ingoma ethi, “Bavumingoma, Sebekhohliwe, Inganono nezinye.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...