Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bekusindwe ngobethole kugcagcelwa Iso leSilo

Bekusindwe ngobethole kugcagcelwa Iso leSilo

by | 15 December 2025

BEKUSINDWE ngobethole kugcagcelwa uShansela waseNdlunkulu uMalusi Zondi nowakwakhe uNkk Snothile MaKhumalo eMzinyathi eNanda ngeSonto emcimbini obuhanjelwe yizinkumbi zabantu bamazinga ahlukene.

UShansela uZondi osekhothanyelwa njengeNkosi ngokwesikhundla sakhe aqokelwa kusona iSilo uMisuzulu kaZwelithini uphinde abe ngusomabhizinisi futhi ahole nezinhlangano ezahlukene ezilwela intsha nabantu abamnyama ikakhulukazi kwezamabhizinisi.

Lo mcimbi uphenduke idili likaMkhipheni njengoba izidlo neziphuzo bezithe chithi saka kusukela ezinkundleni zemidlalo zakhona eMzinyathi lapho umcimbi uqale khona waze wadlulela emzini wakhe okhona kule ndawo.

Uhlelo lomgcagco luqhutshwe ngokohlelo lwenkonzo yamaNazaretha njengoba benze izifungo phambi kwezinkumbi zabantu kuzona lezi zinkundla.

Ngemuva kwalesi sigcawu umcimbi ube usudlulela emzini wakhe nokuyilapho kube nohlelo lwe-reception abantu bazitika ngeziphuzo nangazidla ikakhulukazi inyama yenkomo njengoba kuvela ukuthi bekuhlatshwa inqwaba yezinkomo.

Abanye abantu babonakale bephuma bexhante imikhono yezinkomo abanye bephethe izifuba kanti abanye inhloko imbala. Esigcawini kunandise abaculi abahlukene okubalwa kubo okubalwa kubo uNtencane, Mthandeni SK, Mjolisi, Sminofu noLwah Ndlunkulu.

Ohlelweni lwesibili lwasebusuku kunandise uTira, Qwabe Twins, Dlala Thukzin, Saliwa. Kosaziwayo kubonakale uSwazy Mokoena weMalanga Awafani, Nelisah Mchunu noBhekisisa Mahlwe boZalo nabanye.

Lo mcimbi ubuhanjelwe nangosopolitiki bamaqembu ahlukene namakhosi ezindawo ezahlukne zakuleli nakwamanye amazwe.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...