Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Abalingisi nomkhankaso wokuqwashisa ngobuqhwaga ezikoleni

Abalingisi nomkhankaso wokuqwashisa ngobuqhwaga ezikoleni

by | 29 April 2026

KUSUKUMISE izintandokazi zabalingisi ukwanda kwezigameko zobuqhwaga nokuhlukumezana kwezingane ezikoleni zakuleli.

Abalingisi okubalwa kubo uMenzi Biyela, Swazy Mokoena, Ndumiso Dlamini, Thembinkosi Thwala nomculi weh-Hip Hop uMpumelelo Gumbi owaziwa ngelikaShon G basungule inhlangano engenzi inzuzo ngenhloso yokulwa nalesi sihlava nezinye izingqinamba ezibhekene nabafundi namalungu omphakathi jikelele.

Ngokusho kukaBiyela oseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude basungule le nhlangano ebizwa ngokuthi Imvelo Social Development ukuze bakwazi ukuqwashisa nkukhuza lo mhlola emphakathini.

“Siqale umkhankaso esiwubiza ngeBullying Awareness School Tour lapho sihambela khona izikole sixwayisa futhi siqwashisa ngalo mkhuba osubhokile ezikolenii. Zikhona izikole esike sazihambela ngosizo lomnyango ongaphansi kukaMsipala weTheku obizwa nge-Arts And Living Culture kodwa ngenxa yokuthi lesi sihlava sibhoke ezindaweni ezahlukene sibone kungcono ukuthi sisabalale nakwezinye izikole njengoba kuyizona ezisimemayo,” kusho uBiyela.

Uthe ngenxa yezingqinamba abahlangabezana nazo kuyaphoqa ukuthi izikole bazikhokhise.

“Empeleni besingafisi ukuthi izikole sizikhokhise kodwa kuyasinda ukuhambela izindawo njengoba kunezidingo ezahlukene esizidingayo ezidinga ophethiloli nezindawo zokulala uma kukude kuyophoqa. Kungakuhle ukuthi omasipala, iminyango kahulumeni nezinkampani ezizimele zikwazi ukubambisana nathi sikwazi ukufinyelela ezikoleni eziningi ikakhulu ezisemakhaya ngaphandle kokuthi zize zikhiphe imali,” kusho uBiyela eveza ukuthi ngesonto elizayo bazobe behambela izikole eziKwaMhlabuyalingana okubalwa iMbazwana neJozini.

Uthe uma befika ezikoleni baba nomdlalo weshashalazi othatha imizuzu eyishumi bese kuba nomlingisi uBhekisizwe Mahlwe owethula inkulumo ekhuthazayo kuphinde kukhuluma no-Aphelele Sixikixa obeyigwetshwe iminyaka ewu-15 ejele oqwashisa ngobugebengu.

Uthe kuyabakhuthaza ukubona ziqhubeka nokwanda izikole eikhombisa ukuwuthakasela umkhankaso wabo. “Ziningi nezinye izihloko esizongena kuzona ngokuhamba kwesikhathi okubalwa kuzo ukukhulelwa kwezingane (teenage pregnancy), izidakamizwa, ubugebengu nokunye okuthinta ikakhukazi intsha,” kusho yena.

Uthe ngaphansi kwenhlangano yabo sebeke bahambela nasemajele lapho befike baqeqesha khona iziboshwa ngalo mkhakha kanjalo nangokuzifundisa ngomculi futhi bazikhuthaza ukuze ziphume sezicabanga ngendlela ehlukile ezobathuthukisa.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...