
YENZE okungajwayelekile iNkosi uMbuso kaBhekamazulu Ngcobo (50), yesizwe saKwaNyuswa, eMgangeni, eMzinto, ilobola uNdlunkulu wayo uBathobile Ngcobo, uMaDladla (37), kabili ngezinkomo eziwu-22.
Inkosi ithi ikwenze lokhu ngoba imthanda futhi ingafuni ukuthatha inkosikazi yesibili. Ikhuluma neLANGA iNkosi uNgcobo ithe: “Ngishade nondlunkulu ngo-2012, ngingakabi yinkosi, kusabambe uNdlunkulu ongumama kimina, uDumsile Ngcobo, uMaCele, ngemuva kokukhothama kweNkosi engizalayo uBhekamazulu, edlule emhlabeni ngo-1994.
“Ngihlale esihlalweni ngo-2015. Kuthe ngo-2022, kwafika izinduna, amadoda endawo namakhehla omndeni, angihlalisa phansi, angitshela ukuthi kuzomele kube khona undlunkulu ozolotsholwa yisizwe. Ngokwemiyalelo yabo, kwakumele ngiphume ngiyokhomba intombi ezoba ngundlunkulu ozozala inkosana yesizwe.
“Ngenxa yokuthobeka, ukuthanda isizwe, namagalelo akhe uNdlunkulu (uMaDladla) engase ngiwabonile, kwangenza ngangaba nokungabaza ngaye, ngaphinda ngakhomba yena ukuthi isizwe simlobole okwesibili. Lokhu kwase kuwukuziphinda komlando wendlu yakwethu eMhlandleni, njengoba naphambilini wayekhona undlunkulu owalotsholwa yisizwe,” kusho iNkosi uNgcobo.
Inkosi ithi iphindele kwandlunkulu wayo, yazishaya zonke.
“Siphinde senza ngokohlelo, sakhipha ilobolo lezinkomo eziwu-(11), zaphinda zawushaya esigcawini, okwesibili, wathelwa ngenyongo yesizwe. Ngiyamthanda undlunkulu, indlela anakekela ngayo isizwe, ingenza ngibe nokuzethemba okukhulu ngaye,” kuphetha iNkosi uNgcobo.
UNdlunkulu utshele ILANGA ukuthi uzizwa engowesifazane okhethekile njengoba ebe nezigcawu zomshado ezimbili, asine kuzona ngokwehlukana. Uthi wamangala uma inkosi imbikela ukuthi isizwe sifuna undlunkulu ozozala inkosana, kodwa yaveza ukuthi izophinde ikhethe yena okwesibili.
“Ngihlangane nenkosi ngo-2010, ngisebenza esibhedlela iChrist The King, eXobho. Ngayithanda ngiqala ukuyibona, ngemuva kokuba nayo isho okufanayo. Uma ixoxa (iNkosi uNgcobo) manje ithi, yayize esibhedlela izobona enye intombi eyayiyihlelelwe ngudadewabo, kodwa kwenzeka yabona mina kuqala ngaphambi kwayo. Uthando lwethu luqale lapho,” esho.
Uthi ukuzithoba nenhlonipho yikhona okumphendlele indlela.
“Sishade ngo-2012 engakabi yinkosi. Kuthe ngo-2015 waqokwa, kube yilapho esengitshela ukuthi ufuna ukubuyela ekhaya ayolobola okwesibili. Nebala, ngiphindele ekhaya wafike wazishaya zonke, ngabuya sengizosina isigcawu sesibili. Lokhu ngikuthatha njengogcobo olubhekiswe kimi. Imishado emibili, ngingedwa into enkulu leyo.
“Ngithelwe ngenyongo yakonkosi, ngaphinda ngathelwa ngenyongo yesizwe. Lokho nje kuyinhlanhla engandele bani. Emlandweni wamakhosi alayikhaya, ngingowesithathu ukulotsholwa yisizwe,” kusho undlunkulu ngenjabulo.
Inkosi nondlunkulu babusiswe ngezingane eziningi, kodwa kundlunkulu inabatwana abawu abane – uNathi (12), uSisanda (10), u-Oyinsika (8), noSamafunze (1). Undlunluku ubambe iqhaza elikhulu esizweni, njengoba ebhekelele inhlalakahle yaso. Unguthisha eSchola Amoris Special School, eMzinto. Uneziqu zeBSc, Speech and Language Therapist, azithola e-University of Cape Town, nezinye.
Inkosi ngesikhathi inomcimbi wokugcotshwa kwayo yiSilo uMisuzulu emasontweni edlule, yaluveza uthando enalo ngondlunkulu wayo. INkosi uNgcobo inguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, esiFundeni uGu.






