Ilanga News
Home 9 Featured 9 Basonga ngokuvala amabhizinisi aqashe abantu abakuleli ngokungemthetho

Basonga ngokuvala amabhizinisi aqashe abantu abakuleli ngokungemthetho

by | 15 October 2025

IPHINI likaNgqongqoshe wezeziSebenzi neNgqalasizinda, uMnu Sihle Zikalala, litheleke emapulazini aseNdwedwe ngoLwesibili kungazelele muntu, lizobheka abakufika abasebenza khona.

SEBENQUNYELWE ugwayi katiki abanikazi bamapulazi nabezinkampani, abaqasha abakufika abanganawo amaphephamvume, abagunyaza ukuba seNingizimu Afrika.

IPhini likaNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuZwelonke, uMnu Sihle Zikalala, ligasele emapulazini amathathu nasenxanxatheleni yezitolo, eNdwedwe, lihamba nezikhulu zeminyango, owezezisebenzi, owezasekhaya, namaphoyisa. Bebelunywe indlebe ngabantu baseNdwedwe, ngokuthi kunamapulazi aqasha abokufika, abakuleli zwe ngokungethetho.

“Ngesikhathi sifika sizohlola, abakufika abaqashwe laphaya, banele basibona, babaleka, abanye beqa ucingo. Amaphoyisa akwazile ukubabamba. Sithole ukuthi ngabantu basemazweni angaphandle, abangenazo izimvme zokuba kuleli zwe.

“Laba bantu, baholelwa imali encane, engaphansi kakhulu kuleyo ebekwe wuhulumeni ukuthi abantu kufanele baholelwe yona (minimum wage). Njengoba besebenza, kabanayo imihlomulo, futhi ababhalisiwe,” kusho uZikalala.

IPhini likaNgqongqoshe wezeziSenzi, uMnu Jomo Sibiya, lithe laba bokufika mababuyele emazweni akubo ngoba bazobuya bazohlola ukuthi basekhona yini. Uxwayise abezitolo ngokuthi azovalwa amabhizinisi abo uma beqhubeka nokuqasha abokufika abakuleli zwe ngokungemthetho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...