Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kwethulwe umkhankaso wokulwa nesifo sofuba

Kwethulwe umkhankaso wokulwa nesifo sofuba

by | 25 March 2025

ISEKELAMENGAMELI uMnu Paul Mashatile uthi kuyakhathaza ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe anezibalo eziphezulu zabantu ababulawa yisifo sofuba iTB, yize selapheka.

Ukusho lokhu ethula inkulumo yosuku emcimbini wokugubha iWorld TB Day izolo ngoMsombuluko, elokishini iGamalakhe, oGwini.

“Indaba yeTB ayikho mayelana nezokwelapha uphela, yinto ethinta amalungelo abantu. Wonke umuntu, kungakhathalekile kuthi uvelaphi, unelungelo lokuthola imishanguzo yokusindisa impilo yakhe,” kusho uMashatile.

Ubekhuluma kulo mcimbi njengosihlalo weSouth African National Aids Council (Sanac). Wethule umkhankaso kahulumeni, i-End TB Campaign, okuhloswe ngayo ukuthi kuhlolelwe iTB abantu abawu-5 million ngaphambi kokuphela kukaNdasa (March) wonyaka ozayo.

“Lokhu kuzokwehlisa ngo-29% isibalo sabantu abatheleleka ngaleli gciwane, kuqinise nemizamo yokwehlisa ngo-41% isibalo sabantu ababulawa yiTB ngaphambi kuka-2035,” esho.

Unxuse ukuba kubanjiswane ukuze kuqedwe lesi sifo esibulala izinkulungwane zabantu.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...