Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kwethulwe umkhankaso wokulwa nesifo sofuba

Kwethulwe umkhankaso wokulwa nesifo sofuba

by | 25 March 2025

ISEKELAMENGAMELI uMnu Paul Mashatile uthi kuyakhathaza ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe anezibalo eziphezulu zabantu ababulawa yisifo sofuba iTB, yize selapheka.

Ukusho lokhu ethula inkulumo yosuku emcimbini wokugubha iWorld TB Day izolo ngoMsombuluko, elokishini iGamalakhe, oGwini.

“Indaba yeTB ayikho mayelana nezokwelapha uphela, yinto ethinta amalungelo abantu. Wonke umuntu, kungakhathalekile kuthi uvelaphi, unelungelo lokuthola imishanguzo yokusindisa impilo yakhe,” kusho uMashatile.

Ubekhuluma kulo mcimbi njengosihlalo weSouth African National Aids Council (Sanac). Wethule umkhankaso kahulumeni, i-End TB Campaign, okuhloswe ngayo ukuthi kuhlolelwe iTB abantu abawu-5 million ngaphambi kokuphela kukaNdasa (March) wonyaka ozayo.

“Lokhu kuzokwehlisa ngo-29% isibalo sabantu abatheleleka ngaleli gciwane, kuqinise nemizamo yokwehlisa ngo-41% isibalo sabantu ababulawa yiTB ngaphambi kuka-2035,” esho.

Unxuse ukuba kubanjiswane ukuze kuqedwe lesi sifo esibulala izinkulungwane zabantu.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...