Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Imikikizo kugwetshwa owadlwengula wabulala ingane (7)

Imikikizo kugwetshwa owadlwengula wabulala ingane (7)

by | 3 November 2024

THANDOLUHLE NGUBO

UBIZWE ngosathane, kwathiwa makahambe ayobolela ejele – emuva kwalokho kwaqhuma imikikizo – owesilisa ogwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseMtubatuba odilikajele ababili neminyaka ewu-5 ngokudlwengula abulale intombazanyana eneminyaka ewu-7 ubudalala. NgoLwesihlanu le nkantolo igwebe uLindokuhle Christopher Mhlongo (33) (osesithombeni) emacaleni okuthumba, ukubulala nokudlwengula uZanokuhle Khumalo (7), ngoNtulikazi (July) nonyaka eDumisani Makhaye Village, eMpangeni. 

Amalungu omphakathi abejabule ngesigwebo, ashaye imikikizo, aphelezela umbulali ngamagama anesisindo. 

IJaji u-Elise-Marie Bezuidenhout lithe kalisibonanga isizathu sokumzwela uLi-ndokuhle ngoba naye akabanga nozwelo kuZanokuhle. Ngesikhathi uLindokuhle evuma icala ngeledlule, uveze ukuthi wayehleli phandle kwendlu ayeqashe kuyo, ebhema ngesikhathi ebuka umufi edlala nezinye izingane, wambiza wathi makangene endlini yakhe athathe ishumi. 

Uthi wathi angangena (umufi), wamlandela, wavala isicabha, wambamba ngenkani wayomphonsa embhedeni. “Utshele le nkantolo ukuthi ngesikhathi umdlwengula, umbonile ukuthi usezinhlungwini, wamyeka wacabanga ukumdedela, kodwa wabona ukuthi uzokuceba, wamncisha umoya ngokumvala amakhala nomlomo ngesandla, wamklinya ngesinye,” kusho ijaji.

ULindokuhle esitatimendeni uveze ukuthi uthe angabona ukuthi usethule umufi, wamsonga ngoplastiki, wamfaka esikhwameni esifaka izingubo zokulala, wamfihla ngaphansi kombhede, wabe eseyabaleka. 

Ijaji lithi likholwa wukuthi uLindokuhle kumele asuswe emphakathini ngoba uyingozi, ikakhulukazi emantombazaneni. 

UNkz Nondumiso Khumalo ongunina kaZanokuhle, ubonge ukuthi icala seliphothuliwe, yize ethi ubuhlungu bokushiywa yindodakazi yakhe ngalolu hlobo buyohlala bukhona. 

ngubo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...