Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Imikikizo kugwetshwa owadlwengula wabulala ingane (7)

Imikikizo kugwetshwa owadlwengula wabulala ingane (7)

by | 3 November 2024

THANDOLUHLE NGUBO

UBIZWE ngosathane, kwathiwa makahambe ayobolela ejele – emuva kwalokho kwaqhuma imikikizo – owesilisa ogwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseMtubatuba odilikajele ababili neminyaka ewu-5 ngokudlwengula abulale intombazanyana eneminyaka ewu-7 ubudalala. NgoLwesihlanu le nkantolo igwebe uLindokuhle Christopher Mhlongo (33) (osesithombeni) emacaleni okuthumba, ukubulala nokudlwengula uZanokuhle Khumalo (7), ngoNtulikazi (July) nonyaka eDumisani Makhaye Village, eMpangeni. 

Amalungu omphakathi abejabule ngesigwebo, ashaye imikikizo, aphelezela umbulali ngamagama anesisindo. 

IJaji u-Elise-Marie Bezuidenhout lithe kalisibonanga isizathu sokumzwela uLi-ndokuhle ngoba naye akabanga nozwelo kuZanokuhle. Ngesikhathi uLindokuhle evuma icala ngeledlule, uveze ukuthi wayehleli phandle kwendlu ayeqashe kuyo, ebhema ngesikhathi ebuka umufi edlala nezinye izingane, wambiza wathi makangene endlini yakhe athathe ishumi. 

Uthi wathi angangena (umufi), wamlandela, wavala isicabha, wambamba ngenkani wayomphonsa embhedeni. “Utshele le nkantolo ukuthi ngesikhathi umdlwengula, umbonile ukuthi usezinhlungwini, wamyeka wacabanga ukumdedela, kodwa wabona ukuthi uzokuceba, wamncisha umoya ngokumvala amakhala nomlomo ngesandla, wamklinya ngesinye,” kusho ijaji.

ULindokuhle esitatimendeni uveze ukuthi uthe angabona ukuthi usethule umufi, wamsonga ngoplastiki, wamfaka esikhwameni esifaka izingubo zokulala, wamfihla ngaphansi kombhede, wabe eseyabaleka. 

Ijaji lithi likholwa wukuthi uLindokuhle kumele asuswe emphakathini ngoba uyingozi, ikakhulukazi emantombazaneni. 

UNkz Nondumiso Khumalo ongunina kaZanokuhle, ubonge ukuthi icala seliphothuliwe, yize ethi ubuhlungu bokushiywa yindodakazi yakhe ngalolu hlobo buyohlala bukhona. 

ngubo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...