
NJENGOBA kunoMkhosi woMhlanga, esigodlweni eMashobeni, oPhongolo, kule mpelasonto, elinye lamatshitshi elizodonsa amehlo abantu nguNtethelelo Sikhakhane (26), odume ngelikaGandaganda, emculweni kaMaskandi.
Leli tshitshi elidabuka eThelezini, eNquthu, ngaphansi kweNkosi uSakhile Mdlalose, yesizwe saKwaHlahlindlela, lithi sekuneminyaka lihamba uMkhosi woMhlanga, futhi lisazimisele ukuzigcina lize liyongena emendweni.
UGandaganda ucula ngaphansi kweNdoni Music Productions, eholwa nguNdoni Ndunakazi, waseMpangeni. Uthi uqale ukuba yingxenye yoMkhosi woMhlanga kusekhona iSilo uMdlokombane (iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu), esafunda eMuziwephala High School, khona eThelezini.
UGandaganda uqokwe waba yiqhikiza (umphathi wamatshitshi) esifundeni sasebaQulusini. Uthi ubonga uNdoni ambiza ngosisi, nonomehlo wakhe waseLakeside, eVryheid, uNkk Nombulelo Mthoba, ngokumeseka. Leli tshitshi lizithobile, futhi likhulumela phansi.
“Ngasekhaya uMkhosi woMhlanga yinto ethandwayo nekhuthazwa wumphakathi wonke. Umkhulu nomalume abangikhulisile, bakusho kugcwale umlomo ukuthi bayaziqhenya ngami, futhi kangizimisele ukubaphoxa.
“Ngiyazi abantu bayangeseka ngoba ngikulo mkhakha womculo (umaskandi), kangifuni ukubaphoxa, ngifuna ukukhuthaza nabanye abantu abasha ukuba babone ukuthi ubutshitshi yinto okufanele uziqhenye ngayo, uzazi futhi ukuthi ufunani empilweni. Uma uyitshitshi uyahlonishwa, nabafana bayazi ukuthi kawulona ibhola labo lokukhahlelwa” esho.
Uthe bebezosuka entathakusa namuhla ngoLwesihlanu, babheke eMashobeni. UGandaganda uthi wahlangana noNdoni ezinkundleni zokuxhumana ngo-2024, njengoba ethi nguyena omvule amehlo, wamfundisa nezinto eziningi empilweni. Ngaphandle kokucula nokwelusa amatshitshi, usebenza kweminye iminyango kahulumeni, eThekwini.







