Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Lihlehlele uSeptember icala likaBester

Lihlehlele uSeptember icala likaBester

by | 17 June 2025

UVEZE ukuthi bazobe bengakakulungeli ukuqala kokuqulwa kwecala ngenyanga ezayo uMnu Lerato Moela, ongummeli kaThabo Bester, obhekene namacala okubalwa kuwo elokubulala nokweqa ejele.

Lokhu kuvele namuhla eNkantolo eNkulu yaseBlomfontain njengoba bekuqhubeka ukulalela kwePre-trial yaleli cala. Leli cala elibhekene nabasolwa abawu-8, okubalwa kubo nesinqandamathe sika-Bester uNandipha Magudumane, uyise kaNandipha uZolile Sekeleni kanye nezisebenzi zasejele elizimele ngaphansi kwenkampani iG4S lase Mangaung okweqa kulo uBester, bekuphakanyiswe ukuthi libuyele enkantolo seliyoqulwa ngomhlaka 21 kuJuly kodwa lagcina lihlehlele uSeptember ngenxa yokuthi abammeli abaningi kabakulungele ukuqala kokuqulwa kwalo.

UMoela utshele inkantolo ukuthi okwenza angakulungeli ukuqulwa kwecala ukuthi izinkinga zokungakhululeki kuka-Bester ejele kazikalungiswa. Uthi ojele balapho kugcinwe khona uBester ababaniki indawo yobumfihlo uba bekhuluma ngecala, okuyisona sizathu esenza afune ilaptop yakhe ukuze akwazi ukulungiselela icala ngale ngokuphazamiseka. Kulo leli cala uSekeleni uveze ukuthi akanaye ummeli njengoba ithimba labammeli bamahhala, iLegal Aid isichithile isicelo sakhe sokuthola ummeli. Abanye abasolwa bethulelwe abammeli babo namuhla.

Umshushisi wecala uveze amacala abebhekene noMnu Motanyane Masuku obengummangalelwa wokuqala ahoxisiwe. UMasuku wayengunogada wesango ngesikhathi uBester eqa ejele.  

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...