Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bavele bayotetemuka emabhishi abanye abalandeli beMK Party

Bavele bayotetemuka emabhishi abanye abalandeli beMK Party

by | 15 December 2024

NGABANTU bezipholele ebhishi laseThekwini, abanye babo abadlubhe imifaniswano yeMK Party.
UDABA NEZITHOMBE: NGU-LUCKY CAIN


KUKHONA abakhethe ukuyozibhukudela okwandle kunokuba bayongena ngaphakathi enkundleni yezemidlalo Moses Mabhida, eThekwini, lapho bekuqhubeka khona umcimbi wokugubha unyaka iqembu iMK Party lasungulwa, namuhla ngeSonto.

Nakuba Moses Mabhida ibinezinkumbi zabantu kodwa kunabanye abakhethe ukungazixaki ngobekwenzeka khona, abehle ezithuthini ebezihlelwe yileli qembu ukulanda abantu ezingxenye ezehlukene zaKwaZulu-Natal, bayozipholela olwandle.

Ilanga likhipha umkhovu etsheni eThekwini njengoba amabhishi egcwele phama.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku asiqaphile isimo njengoba evale emgwaqweni eminingi engenela olwandle. Zonke izimoto ezingenela emabhishi ziyavinjwa, ziseshwe, ngaphambi kokuba zivunyelwe ukungena.

Kubonakale abanye abantu bebhukuda ngazo izikhibha zeMK Party.

INTATHELI: LUCKY CAIN

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...