Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bavele bayotetemuka emabhishi abanye abalandeli beMK Party

Bavele bayotetemuka emabhishi abanye abalandeli beMK Party

by | 15 December 2024

NGABANTU bezipholele ebhishi laseThekwini, abanye babo abadlubhe imifaniswano yeMK Party.
UDABA NEZITHOMBE: NGU-LUCKY CAIN


KUKHONA abakhethe ukuyozibhukudela okwandle kunokuba bayongena ngaphakathi enkundleni yezemidlalo Moses Mabhida, eThekwini, lapho bekuqhubeka khona umcimbi wokugubha unyaka iqembu iMK Party lasungulwa, namuhla ngeSonto.

Nakuba Moses Mabhida ibinezinkumbi zabantu kodwa kunabanye abakhethe ukungazixaki ngobekwenzeka khona, abehle ezithuthini ebezihlelwe yileli qembu ukulanda abantu ezingxenye ezehlukene zaKwaZulu-Natal, bayozipholela olwandle.

Ilanga likhipha umkhovu etsheni eThekwini njengoba amabhishi egcwele phama.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku asiqaphile isimo njengoba evale emgwaqweni eminingi engenela olwandle. Zonke izimoto ezingenela emabhishi ziyavinjwa, ziseshwe, ngaphambi kokuba zivunyelwe ukungena.

Kubonakale abanye abantu bebhukuda ngazo izikhibha zeMK Party.

INTATHELI: LUCKY CAIN

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...