Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuphazamiseke ukwakhiwa komgwaqo kugasela imigulukudu eBergville

Kuphazamiseke ukwakhiwa komgwaqo kugasela imigulukudu eBergville

by | 15 May 2025

UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal, ubabaza ukugasela kwemigulukudu esakhiweni somgwaqo, yaphanga udizili olinganiselwa kumalitha awu-300, ngoMsombuluko emini, bebade. Kukhonna umgwaqo owakhiwo eBergville, ozodla imali ewu R177 million, uma usuphelile, ukwakhiwa kwawo sekuphazamisekile, ngenxa yokugasela kwalaba bantu.


Okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthi: “NgoMsombuluko endaweni engaphansi KwaMazizi Traditioal Council, eBergville, kugasele abantu abawu-6, abebehlome ngezibhamu, baphoqe izisebenzi ezakha umgwaqo, bathi azilale ngezisu, zikhonjwe ngezibhamu. Abagaseli babesebengena emalolini anodizili, bathela olinganiselwa kumalitha awu-300, bashaya achitha. Sisola sengathi yilaba bantu abaqhwaga imisebenzi kaHulumeni yokwakha, ngoba befuna umsebenzi wenziwe yibona, ababizwa ngamaConstrution Mafias.


“Sinxusa imiphakathi ukuthi ibike emaphoyiseni, uma uthuka ubalamela laba bantu, ngoba bahlala khona emiphakathini, bajike babambezele ukulethwa kwentuthuko esizweni. Siyamethemba uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi, nethimba lakhe labaphenyi, ukuthi bazobabamba laba benzi bobubi,” kusho isitatimende sikaMnu Sibiya.


UNgqongqoshe woMnyango, uMnu S’boniso Duma, (osesithombeni), uncome iNkosi uNjabulo Miya, yesizwe samaZizi, ngokubambisana nezinduna nomphakathi, kwaphunywa inqina yokuthungatha lezi zigilamkhuba. Umnyango uthi ukhathazekile ngabaqhwaga imisebeni kaHulumeni, ngoba abanye babo basebenza nabasezinkontilakini, ezinikwe umsebenzi nguHulumeni.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...