Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuphazamiseke ukwakhiwa komgwaqo kugasela imigulukudu eBergville

Kuphazamiseke ukwakhiwa komgwaqo kugasela imigulukudu eBergville

by | 15 May 2025

UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal, ubabaza ukugasela kwemigulukudu esakhiweni somgwaqo, yaphanga udizili olinganiselwa kumalitha awu-300, ngoMsombuluko emini, bebade. Kukhonna umgwaqo owakhiwo eBergville, ozodla imali ewu R177 million, uma usuphelile, ukwakhiwa kwawo sekuphazamisekile, ngenxa yokugasela kwalaba bantu.


Okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni, uMnu Ndabezinhle Sibiya, uthi: “NgoMsombuluko endaweni engaphansi KwaMazizi Traditioal Council, eBergville, kugasele abantu abawu-6, abebehlome ngezibhamu, baphoqe izisebenzi ezakha umgwaqo, bathi azilale ngezisu, zikhonjwe ngezibhamu. Abagaseli babesebengena emalolini anodizili, bathela olinganiselwa kumalitha awu-300, bashaya achitha. Sisola sengathi yilaba bantu abaqhwaga imisebenzi kaHulumeni yokwakha, ngoba befuna umsebenzi wenziwe yibona, ababizwa ngamaConstrution Mafias.


“Sinxusa imiphakathi ukuthi ibike emaphoyiseni, uma uthuka ubalamela laba bantu, ngoba bahlala khona emiphakathini, bajike babambezele ukulethwa kwentuthuko esizweni. Siyamethemba uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi, nethimba lakhe labaphenyi, ukuthi bazobabamba laba benzi bobubi,” kusho isitatimende sikaMnu Sibiya.


UNgqongqoshe woMnyango, uMnu S’boniso Duma, (osesithombeni), uncome iNkosi uNjabulo Miya, yesizwe samaZizi, ngokubambisana nezinduna nomphakathi, kwaphunywa inqina yokuthungatha lezi zigilamkhuba. Umnyango uthi ukhathazekile ngabaqhwaga imisebeni kaHulumeni, ngoba abanye babo basebenza nabasezinkontilakini, ezinikwe umsebenzi nguHulumeni.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

NGUMNU Mfanafuthi Kunene esebhokisini. UMMELI wowesilisa obhekene necala lokubulala u-Ayabonga Mjilo, isidumbu sakhe esatholwa sifakwe estamkokweni, ufake isicelo sokuba lichithwe icala ngoba ethi kabukho ubufakazi obukhomba ukuthi ikilayenti lakhe linecala. Lokhu...

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

SIKHULU isililo endimeni kamaskandi ngokudlula emhlabeni kwesilomo somculi uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini waseMachunwini, eMsinga. Lo mculi ubesengozini yemoto ebusuku phakathi kwamabili Richards Bay eyonandisa kwiBasadi Maskandi Festival, khona eRichards Bay....

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

USIHLALO we-Action SA kwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango umenyezelwe yiqembu lakhe ukuthi uyena oqokwe ukuthi angenele umjaho wesikhundla sokuba yiMeya yeTheku emcimbini obusehholo lomphakathi KwaMashu namhlanje ngoMgqibelo.UMncwango uqokwe noMnu Halalisani Ndlovu...