Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 OwoKhozi FM uphume ekamabuyaze ebuyela emsebenzini esabhekene necala

OwoKhozi FM uphume ekamabuyaze ebuyela emsebenzini esabhekene necala

by | 15 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

UPHUME inqina kamabuyaze umsakazi wo-Khozi FM, uSiyabonga Mhlongo (osesithombeni) – obhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza isi-nqandamathe sakhe – ngesikhathi echithwa ethi uzama ukubuyela emsebenzini yize icala lingakapheli. 

ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni  ukuthi lo msakazi uthe uma ebona ukuthi icala abhekene nalo liyadonsa, wacela ukubuyela emsebenzini, abaphathi bathi udaba lwakhe bazolubheka uma sekuphele icala abhekene nalo. Leli phephandabalabika ngokushenxa kwalo msakazi emoyeni emuva kokusabalala kwe-zindaba zokuvulelwa icala. 

ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi lo msakazi ukhala ngokuthi ephaketheni lakhe kakungeni lutho. “Ukhala ngokuthi sesiside kakhulu isi-khathi engekho emoyeni, necala abhekene nalo kubonakala sengathi lizothatha isi-khathi eside njengoba lihlehliselwe umhla ka-27 kwephezulu. Uma liphinda lihlehli-swa, kusho ukuthi ngeke akwazi ukuphi-ndela emsebenzini,” kusho umthombo osondelene nalo msakazi.

Iphunzile imizamo yeLANGA yokuthola uSya, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, kwaze kwashaya isikhathi sokuloba. 

I-SABC eyengemele uKhozi FM, kuze kwashaya isikhathi sokuloba ingakayiphendulile imibuzo ethunyelelwe yona.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...