Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 OwoKhozi FM uphume ekamabuyaze ebuyela emsebenzini esabhekene necala

OwoKhozi FM uphume ekamabuyaze ebuyela emsebenzini esabhekene necala

by | 15 November 2024

NONHLAKANIPHO SHINGA

UPHUME inqina kamabuyaze umsakazi wo-Khozi FM, uSiyabonga Mhlongo (osesithombeni) – obhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza isi-nqandamathe sakhe – ngesikhathi echithwa ethi uzama ukubuyela emsebenzini yize icala lingakapheli. 

ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni  ukuthi lo msakazi uthe uma ebona ukuthi icala abhekene nalo liyadonsa, wacela ukubuyela emsebenzini, abaphathi bathi udaba lwakhe bazolubheka uma sekuphele icala abhekene nalo. Leli phephandabalabika ngokushenxa kwalo msakazi emoyeni emuva kokusabalala kwe-zindaba zokuvulelwa icala. 

ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi lo msakazi ukhala ngokuthi ephaketheni lakhe kakungeni lutho. “Ukhala ngokuthi sesiside kakhulu isi-khathi engekho emoyeni, necala abhekene nalo kubonakala sengathi lizothatha isi-khathi eside njengoba lihlehliselwe umhla ka-27 kwephezulu. Uma liphinda lihlehli-swa, kusho ukuthi ngeke akwazi ukuphi-ndela emsebenzini,” kusho umthombo osondelene nalo msakazi.

Iphunzile imizamo yeLANGA yokuthola uSya, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, kwaze kwashaya isikhathi sokuloba. 

I-SABC eyengemele uKhozi FM, kuze kwashaya isikhathi sokuloba ingakayiphendulile imibuzo ethunyelelwe yona.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...