SENZO SOKHELA
BANQUME ukuzinuka amakhwapha abadlali beMamelodi Sundowns ngesimo sakamuva sale kilabhu ezobhekana neSe-khukhune United koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-20h00 eLoftus Stadium, ePitoli.
IDowns kaziyihambeli kahle izinto njengoba imiphumela emihle igqoza muva nje.
Yehlulwe yiMagesi FC ngo-2-1 kowamanqamu we-Carling Knockout ngele-dlule eBloemfontein, emu-va kwalokho yabambana neManiema yaseDR Congo ngo-0-0 emdlalweni ka-group B weCaf Champions League ngoLwesibili ebusuku eLoftus Sta-dium.
UGrant Kekana (osesithombeni) odlala emuva kwiDowns, uthi bazinuke ama-khwapha emuva kwale midlalo, bavumelana ngokwenyusa amaso-kisi bengabadlali.
“Sibe nesonto elinzima. Siphoxekile ngokwenzekile. Sihlulwe kowamanqamu saphinde sahluleka wukunqoba sibhekene neManiema emdlalweni wethu wokuqala (we-sigaba samaqoqo) weCaf Champions League.
“Siyazama ukuvusana ngoba ise-yinde le sizini, kufanele sivuke si-zithintithe. Kasikwazi ukukhalela ubisi oseluchithekile, kufanele si-lungise lapho okufanele silungise khona bese senza isiqiniseko soku-thi siyaqala futhi sinqoba imidlalo.
“Okuhle wukuthi sonke besi-zihlola ngasodwana ukubheka ukuthi inkinga ikuphi, sabona ukuthi imbangela yayo yonke le nto eyenzeka ekilabhini njengamanje, yithina badlali.
“Ngiyajabula ukuthi sonke nje-ngabadlali sivumelene ukuthi kunjena nje yithina,” esho.
Uthi balindele umdlalo onzima kwiSekhukhune njengoba ibuya endukwini ka-3-1 eyinikwe yiTS Galaxy koweligi ngoLwesithathu ePeter Mokaba Stadium, ePolo-kwane. Okufanele sikuqinisekise wukuthi siyanqoba ukuze sibuyi-se ukuzethemba,” esho.
Ucele abala- ndeli ukuba babeseke kulesi simo ababheke- ne naso, wathe-mbisa ukuthi – ngokwesekwa yibo – bazosiguqula.