
U-AKANI Simbine unqobele iNingizimu Afrika indondo yokuqala yethusi emidlalweni yeWorld Indoor Championships eqale namuhla ngoLwesihlanu, ezosongwa ngeSonto eChina.
USimbine, ongumpetha waseNingizimu Afrika kwi-100m, kulo mqhudelwano ubenza i-60m lapho eqophe isikhathi esiwu-6.54sec kowamanqamu.
Ingqwele kuleli banga kube nguJeremiah Azu waseGreat Britain owenze isikhathi esiwu-6.49 emiswe kabu nguLachlan Kennedy was e-Australia oze kulo mqhudelwano engabhekwe muntu.

USimbine ubeqala ukuthola indondo yakhe egijima yedwa emidlalweni yomhlaba. Usemele iNingizimu Afrika amahlandla ayisithupha kanti ubejwayele ukungena endaweni yesine noma yesihlanu. Nyakenye uthole indondo yesiliva kwi-4x100m relay kuma-Olympic Games eFrance.
INingizimu Afrika imelwe ngabasubathi abayisihlanu kulo mqhudelwano, okunguPrudence Sekgodiso osedlulele kowamanqamu, kanti abanye nguCheswill Johnson, nguChris van Niekerk noMarione Fourie.