Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 USimbine unqobele iNingizimu Afrika eyethusi eChina

USimbine unqobele iNingizimu Afrika eyethusi eChina

by | 21 March 2025

U-AKANI Simbine unqobele iNingizimu Afrika indondo yokuqala yethusi emidlalweni yeWorld Indoor Championships eqale namuhla ngoLwesihlanu, ezosongwa ngeSonto eChina.


USimbine, ongumpetha waseNingizimu Afrika kwi-100m, kulo mqhudelwano ubenza i-60m lapho eqophe isikhathi esiwu-6.54sec kowamanqamu.

Ingqwele kuleli banga kube nguJeremiah Azu waseGreat Britain owenze isikhathi esiwu-6.49 emiswe kabu nguLachlan Kennedy was e-Australia oze kulo mqhudelwano engabhekwe muntu.


USimbine ubeqala ukuthola indondo yakhe egijima yedwa emidlalweni yomhlaba. Usemele iNingizimu Afrika amahlandla ayisithupha kanti ubejwayele ukungena endaweni yesine noma yesihlanu. Nyakenye uthole indondo yesiliva kwi-4x100m relay kuma-Olympic Games eFrance.


INingizimu Afrika imelwe ngabasubathi abayisihlanu kulo mqhudelwano, okunguPrudence Sekgodiso osedlulele kowamanqamu, kanti abanye nguCheswill Johnson, nguChris van Niekerk noMarione Fourie.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...