Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Bazobanjelwa emiholweni ‘abaqola’ iNSFAS

Bazobanjelwa emiholweni ‘abaqola’ iNSFAS

by | 7 September 2025

KUQOKWE izinkampani ezizoqoqa imali ekwe-letwa yizitshudeni, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS). Lesi sikhwama esixhasa ngemali yokufunda izitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme, sesidlulisele izitshudeni ezibalekela iNSFAS kwabaqoqa izikweletu ukuze kubuyiswe izindodla zemali izitshudeni ezingasayikhokhi.

Imali ekweletwa yiNSFAS, wu-R45 billion, okuyimali okuthiwa ibixhase izitshudeni ezifunde ngaphambi kuka-2018. Isikhulu esiphezulu sakwaNSFAS, uMnu Waseem Carrim, sithi lesi sikhwama sibhekene nezinkinga ngenxa yezitshudeni ezingathembekile.

Sithi abanye bakweleta isikhwama sisabizwa ngeTertiary Education Fund of South Africa (TEFSA), phambilini. UCarrim uthe nakuba kunzima ukulandelela izitshudeni, kodwa bazokwenza okusemandleni ukubuyisa imali.

Ezinkampani eziqokiwe ukuqoqa imali, kubalwa iKhumalo Masondo Attorneys Incorporated, iNew Intergrated Credit Solutions (PTY), INcube Incorporated Attorneys, iMarkalio Revenue Solutions (PTY) LTD, neQLink Holdings (Pty) Ltd.

“Siyazi ukuthi inqwaba yezitshu-deni ekweletayo iyasebenza, futhi kayifuni ukukhokha.
“Kuyinto embi ukungakhokhe-lwa kwesikhwama sikahulumeni ngoba kufanele sifundise nabeza ngemuva,” esho.
UCarrim uthe abazokhokhiswa le mali okwamanje, yilaba abahola kusukela ku-R30 000 ngenyanga, kuya phezulu.
Uthe nabanye kuyofanele bagci-ne beyikhokhile imali. Uthi ziningi izitshudeni ezingalutholi uxhaso, okumele zilekelelwe.
“Sifuna abasebenzayo manje, abagogodile bathola iziqu. Mayibuye le mali ngoba kwakusayiniwe ukuthi iyokhokhwa, bekungesiwona umfundaze,” esho.

Utshele abezindaba ukuthi ukuba-njwa kwemali, kuzoya ngokuthi okweletayo uhola malini.

“Sinayo imininingwane yabakweletayo, sizosebenzisana nezinhlaka ezifanele ukuyibamba,” esho.

Lesi sikhwama sithi okwamanje sidinga imali engango-R10.6 billion, ukuze kuxhaseke izitshudeni eziwu-783 000 ezichithwe kulo nyaka uwodwa, zangayithola iNSFAS. Kuvezwe ukuthi eziwu-576 000 zisemanyuvesi, eziwu-206 000 zisezikhungweni zokuqeqeshelwa amakhono.

USihlalo weNSFAS uDkt Karen Stander, uthe sebethole izikhalo zabachithiwe eziwu-87 121, zabenza unyaka wokuqala. Uthi ziwu-38 243 izicelo ezisabuyekezwa.

“Sinyuka unyaka nonyaka isibalo sabantwana abafuna ukuxhaswa. Ngakho-ke inkulu ingcindezi esibhekana nayo ngoba luyehla uxhaso oluvela kuhulumeni,” esho.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...