Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UKhuzani unikela ngomcimbi wakhe ukuhlomulisa abaswele

UKhuzani unikela ngomcimbi wakhe ukuhlomulisa abaswele

by | 15 March 2026

UZOPHENDUKA owokuqoqa inzuzo azolekelela ngayo emphakathini, umculi kamaskandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose, ngomcimbi wakhe obizwa ngeBlue Nation Festival, ozokuba seCarnival City, eGoli mhla ka-2 kuNhlaba (May).

UKhuzani uthi nyakenye usungule lo mcimbi ngenhloso yokugubha iminyaka ewu-15 eyibambile kwezomculo. Uthi ngenxa yokubona usizi olubhekene nentsha eswele imali kwezemfundo, uthathe isinqumo sokuthi awubuyise kulo nyaka, kodwa kube wumcimbi osuzoqoqa imali yokunikela emkhakheni wezemfundo.

“Baningi abantu abangibhalela imiyalezo, becela usizo ngokwehlukana kwezinkinga zabo. Engikuqaphelile wukuthi abaningi izinkinga zabo zithinta izikweletu ezikoleni zemfundo ephakeme, okwenza bangakwazi ukuqhubekela phambili. Abanye bahlezi emakhaya ngoba kayikho nemali yokubhalisa. Lokhu-ke kungenze ngabona ukuthi lo mcimbi makube ngowokunikelela abafundi,” kusho uKhuzani.

Kulo nyaka ilinganiselwa ku-R100 000 imali anikele ngayo, eyicozulela abathumele izicelo becela abaxhase. Omunye wabafundi obeswele, ushicilelwe kulona iphephandaba ILANGA kulo nyaka. Wamxhasa ngo-R10 000, ukuze ayobhalisela iziqu zobudokotela enyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), ophikweni iNelson Mandela School of Medicine.

“Umnikelo engiwukhiphe kulo nyaka, bekuyimali yenzuzo ye-All White Gcwalisa ngoba ngangithembisile nyakenye kuLwezi (November) ukuthi nakuyona ngiyosiza abaswele. Okwehlukile-ke wukuthi iCarnival City sekuzoba yiwona umcimbi wabantu wokubuyisela emphakathini, ngokuthi inzuzo yawo ngiyigxilise ekufakeni isandla emphakathini,” esho.

Amathikithi omcimbi aqala ku-R200 kuya ku-R300. Uthi njengamanje asethengiwe awu-2000. Atholakala eWebtickets nasePick n Pay.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...