Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sinikwe ikhefu isisebenzi sakwaSassa sodumo lwe-video

Sinikwe ikhefu isisebenzi sakwaSassa sodumo lwe-video

by | 21 January 2025

SINIKWE ikhefu isisebenzi sakwaSouth African Social Security Agency (Sassa) esibe sematheni ngeledlule kulandela ukusabalala kwe-video yaso siqophisana nelungu lomphakathi ngendlela okumele senze ngayo umsebenzi waso.

Lesi sisebenzi saqoshwa singaphakathi emahhovisi akwaSassa yilungu lomphakathi elabe lize kuwona lizofuna usizo.

Kubikwa ukuthi leli lungu alizange ligculisekele ngendlela lesi sisebenzi esasenza ngayo njengoba lazithola lichitha isikhathi eside kuwona kodwa lingalitholi usizo.

Kwi-video eyaphithizela ezinkundleni zokuxhumana kuyavela ukuqophisana phakathi kwalesi sisebenzi naleli lungu lomphakathi njengoba size sibonakala sisikaza ukujikijela leli lungu ngokubukeka kuyisitembu somsebenzi.

Siyazwakala sisabisa ngokusakaza umakhalekhukhwini ngaso lesi sitembu kanti kanjalo nelungu lomphakathi kalizibekile phansi njengoba limnxusa ukuba awusakaze.

Leli lungu lomphakathi liyazwakala nalo lizwakalisa ukunengeka kwalo ngalesi sisebenzi.

NgoMsombuluko uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal uNks Mbali Shinga uvakashele amahhovisi akwaSassa eDundee lapho kwenzeke khona lesi sigameko.

Ungqongqoshe uzwakalise ukukhathazeka ngalesi sigameko wabe esethembisa ukuthi ukungaziphathi ngendlela efanele kwizisebenzi zakwaSassa ngeke kubekezelelwe. Uthe lesi sisebenzi siyiswe ekhefini njengoba kuqhubeka uphenyo ngokwenzeka njengoba kulindeleke ukuthi luthathe isikhathi esingangenyanga.

Uqhube ngokuthi uma kwenzeka kushaya isikhathi sokuphela kwekhefu lingakaphothulwa uphenyo lesi sisebenzi sizoyiswa kwamanye amahhovisi akwaSassa ukuyosebenza kuwona isikhashana kuze kube luyaphothulwa uphenyo.

Uthembise ukuthi bazoqinisekisa ukuthi uphenyo luyaphothulwa ngokufinyelela kumsuka walolu daba.

Ushayele izikhulu zakwaSassa ngokulisukumela lolu daba. Okhulumela iSassa KwaZulu Natal uSandy Godlwana ngeledlule ucashunwe ethi badumele ngalesi sigameko wabe esedlulisa ukuxolisa kwilungu lomphakathi elithintekile.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...