Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Bazofakwa emabhukwini amnyama abangondli

Bazofakwa emabhukwini amnyama abangondli

by | 3 November 2024

INTATHELI YELANGA

AZOFAKWA ohlwini lwabantu abehlulwa yizikweletu amagama abantu abangazondli izingane zabo eNingizimu Afrika. UNgqongqoshe wezoBulungingiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNkk Thembisile Simelane-Nkadimeng (osesithombeni), usayine isivumelwano sokusebenzisana, esizoholela ekutheni imininingwane yabehluleka ukondla izingane, idluliselwe ezinhlanganweni ezigunyaza ukubheka iminingwane yabantu nokunikezela ngezimvume zokuthengisela umuntu ngesikweletu. 

CAPE TOWN, SOUTH AFRICA – SEPTEMBER 06: Ms Thembi Simelane, Minister of Justice and Constitutional Development at the Parliament?s Portfolio Committee on Justice and Constitutional Development on September 05, 2024 in Cape Town, South Africa. This comes after allegations surfaced in the media that Minister Thembi Simelane, while she was Mayor of Polokwane Municipality in Limpopo, received at least R500 000 in a loan from an individual intimately linked to VBS Bank. (Photo by Gallo Images/Brenton Geach)

USimelane usayine lesi sivumelwano  nezinhlangano okubalwa kuzona iConsumer Profile Bureau neSocial Justice Founda-tion eBrigitte Mabandla Justice College, ePretoria, ngoLwesihlanu. Uthe kuzoqalwa ngabondla izingane enkantolo ngoba kuze kwangenelela yona. Uqhube wathi kuyakhathaza ukuthi ngisho nakuhulumeni kunezisebenzi ezihlulwa wukondla izingane zazo. 

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...