Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Bazofakwa emabhukwini amnyama abangondli

Bazofakwa emabhukwini amnyama abangondli

by | 3 November 2024

INTATHELI YELANGA

AZOFAKWA ohlwini lwabantu abehlulwa yizikweletu amagama abantu abangazondli izingane zabo eNingizimu Afrika. UNgqongqoshe wezoBulungingiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNkk Thembisile Simelane-Nkadimeng (osesithombeni), usayine isivumelwano sokusebenzisana, esizoholela ekutheni imininingwane yabehluleka ukondla izingane, idluliselwe ezinhlanganweni ezigunyaza ukubheka iminingwane yabantu nokunikezela ngezimvume zokuthengisela umuntu ngesikweletu. 

CAPE TOWN, SOUTH AFRICA – SEPTEMBER 06: Ms Thembi Simelane, Minister of Justice and Constitutional Development at the Parliament?s Portfolio Committee on Justice and Constitutional Development on September 05, 2024 in Cape Town, South Africa. This comes after allegations surfaced in the media that Minister Thembi Simelane, while she was Mayor of Polokwane Municipality in Limpopo, received at least R500 000 in a loan from an individual intimately linked to VBS Bank. (Photo by Gallo Images/Brenton Geach)

USimelane usayine lesi sivumelwano  nezinhlangano okubalwa kuzona iConsumer Profile Bureau neSocial Justice Founda-tion eBrigitte Mabandla Justice College, ePretoria, ngoLwesihlanu. Uthe kuzoqalwa ngabondla izingane enkantolo ngoba kuze kwangenelela yona. Uqhube wathi kuyakhathaza ukuthi ngisho nakuhulumeni kunezisebenzi ezihlulwa wukondla izingane zazo. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...