Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bazojeza kanzima abashayela bephuzile eKZN

Bazojeza kanzima abashayela bephuzile eKZN

by | 17 April 2025

AMAPHOYISA omgwaqo athe chithisaka isifundazwe sonke njengoba kunezivimbamgwaqo zamaholidi ePhasika.
IZITHOMBE: NGUNHLANHLA GUMEDE.



UHULUMENI waKwaZulu-Natal uthi umi ngazo zombili izinyawo, njengoba ufuna bajeze kanzima abashayeli abazotholakala bedle amponjwana ngalawa maholidi ePhasika.

Njengoba namuhla ngoLwesine ekuseni kuqalwe umkhankaso wokuqinisa ezokuphepha emigwaqweni yesifundazwe, eMarrianhill Toll Plaza, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, neMeya yeTheku uMnu Cyril Xaba, bebezibambele mathupha, besiza amaphoyisa abesesha izimoto ebezedlula, zilibangise eThekwini.

UNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMnu Siboniso Duma, uthi isixazululo senkinga yabantu abadakelwa emigwaqeni, wukuthi banikwe izigwebo ezinzima.

“Abantu kabazi ukuthi uhulumeni ungena ezindlekweni ezinkulu kangakanani ngenxa yabantu abashayela bephuzile. Umnyango wezokuthutha ulahlekelwa yimali eningi ngenxa yabo laba bantu, kanjalo nowezempilo. Phezu kwakho konke kunemiphefumulo engenacala elahlekayo ngenxa yabantu abangazicabangeli nabangacabangeli isizwe.

“Isigwebo esinzima esiyosukela eminyakeni eyisithupha kuya phezulu, singaba yisixazululo ngoba abantu kabezwa uma bekhuzwa. Bayahlawuliswa uma bephambene nomthetho, bakhokhe leyo mali, kuphele kanjaloi,” esho.

KwaZulu-Natal izikhulu zoMnyango wezokuThutha ezitshaliwe kwizivimbamgwaqo zingu-837, esifundazweni sonke. Kukhona nezinkantolo ezingomahambanendlwana, ezizoshushisa labo abazotholakala bedakiwe emigwaqeni. Izivimbamgwaqo zizoba khona esifundazweni aze aphele amaholidi ePhasika.

INational Roads Act ithi kuyicala ukushayela unotshwala obedlula ku-0.05 gram emzimbeni.

menzi.jele@ianganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...