Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bazojeza kanzima abashayela bephuzile eKZN

Bazojeza kanzima abashayela bephuzile eKZN

by | 17 April 2025

AMAPHOYISA omgwaqo athe chithisaka isifundazwe sonke njengoba kunezivimbamgwaqo zamaholidi ePhasika.
IZITHOMBE: NGUNHLANHLA GUMEDE.



UHULUMENI waKwaZulu-Natal uthi umi ngazo zombili izinyawo, njengoba ufuna bajeze kanzima abashayeli abazotholakala bedle amponjwana ngalawa maholidi ePhasika.

Njengoba namuhla ngoLwesine ekuseni kuqalwe umkhankaso wokuqinisa ezokuphepha emigwaqweni yesifundazwe, eMarrianhill Toll Plaza, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, neMeya yeTheku uMnu Cyril Xaba, bebezibambele mathupha, besiza amaphoyisa abesesha izimoto ebezedlula, zilibangise eThekwini.

UNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMnu Siboniso Duma, uthi isixazululo senkinga yabantu abadakelwa emigwaqeni, wukuthi banikwe izigwebo ezinzima.

“Abantu kabazi ukuthi uhulumeni ungena ezindlekweni ezinkulu kangakanani ngenxa yabantu abashayela bephuzile. Umnyango wezokuthutha ulahlekelwa yimali eningi ngenxa yabo laba bantu, kanjalo nowezempilo. Phezu kwakho konke kunemiphefumulo engenacala elahlekayo ngenxa yabantu abangazicabangeli nabangacabangeli isizwe.

“Isigwebo esinzima esiyosukela eminyakeni eyisithupha kuya phezulu, singaba yisixazululo ngoba abantu kabezwa uma bekhuzwa. Bayahlawuliswa uma bephambene nomthetho, bakhokhe leyo mali, kuphele kanjaloi,” esho.

KwaZulu-Natal izikhulu zoMnyango wezokuThutha ezitshaliwe kwizivimbamgwaqo zingu-837, esifundazweni sonke. Kukhona nezinkantolo ezingomahambanendlwana, ezizoshushisa labo abazotholakala bedakiwe emigwaqeni. Izivimbamgwaqo zizoba khona esifundazweni aze aphele amaholidi ePhasika.

INational Roads Act ithi kuyicala ukushayela unotshwala obedlula ku-0.05 gram emzimbeni.

menzi.jele@ianganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...