Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Bazokhumbula iNdidane abeMpucuzeko

Bazokhumbula iNdidane abeMpucuzeko

by | 7 August 2026

IZOKWENZA konke okusemandleni ukuvuselela amagalelo owayeyisilomo sikamaskandi uMtshengiseni “iNdi- dane” Gcwensa (ongasekho), iMpucuzeko Maskandi Festival.

Lokhu kuvezwe ngumhleli wayo uMnu Xolani Mcineka ngoLwesibili ebusuku eKZN Music House, eThekwini, kwethulwa izinhlelo zakulo nyaka zomci-mbi ozokuba mhla ka-29 kuNcwaba (August) ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UMcineka uthe kunohlelo olukhethekile lokwenziwa kwesikhumbuzo ngokuhlonishwa kweNdidane. Uveze ukuthi amagalelo ayo awakhohlwakali. Utshele abezindaba ukuthi kunezikhathi lapho iNdidane yayihlenga khona lo mcimbi ngamaqhinga ayo sekuvalwe amehlo, ingekho imali yokukhokhela amaciko ayeqashiwe.

“INdidane yayikholelwa kwiMpucuzeko, iqinisekisa ukuthi ifika nabalandeli bayo ngobuningi futhi ibatshela ukuthi abakhokhe bonke esangweni. Lokho bebekwenza ngokuhlonipha, abakaze baphazamise umcimbi weMpucuzeko abalandeli.

“Ngomunye unyaka yafika emcimbini ivuka ekuguleni, isimo sayo sibuhlungu, yanginika isibindi, yathi uma sekumenyezelwe ukuthi iyeza emcimbini, kuzogcwala ngoba yiyona ebhekwe kakhulu endimeni yomculo wesintu.

“Nangempela kwagcwala, yatholakala nemali yokukhokhela abaculi ngoba ngaleso sikhathi sasine- nkinga yokuthola uxhaso lwemali olwanele. Ngakho-ke siyiMpucuzeko, sifuna ukwenza iqiniso emndenini weNdidane nakubalandeli bayo, ngomsebenzi wayo omuhle eyawenza isaphila endimeni yomculo, nasemcimbini weMpucuzeko,” kusho uMcineka.

Uthe usuku lomcimbi kuyoba ngolwekhethelo lweNdidane. Ngakolunye uhlangothi indodana yeNdidane, uSphesihle Gcwensa, ithe kubajabulisile ukuthi uyise akhunjulwe. Ithe umndeni ukwamukele ngezandla ezimhlophe ukuhlonishwa kukayise.

“Sijabule kakhulu uma uMcineka esakholelwa emsebenzini kababa,” kusho uSphesihle.

Uthe banezinhlelo zokuthi iqembu laMageza Amahle (likayise) lenze imigilingwane ngalolu suku. USphesihle uveze ukuthi phakathi kwezifiso zakhe, wukuthi abaculi abasebenze noyise, babeyingxenye yeqembu laMageza Amahle esteji.

UMcineka umemezele amaqembu amabili esicathamiya, Abafana beKholenso neZulu Messengers, wathi azomela ucothoza kwiMpucuzeko. Uthe unesifiso sokuthi unyaka nonyaka kubekhona abaculi besicathamiya kulo mcimbi.

Kuzobe kuboshelwe abaculi abaningi abanohlonze kwiMpucuzeko okubalwa kubona uNjoko, uMdumazi, uFalabo, uDumakahle, uLimit, uKhuzani, iNkosi Yamagcokama, uBahubhe, Izingane Zoma, uBuselaphi, uShwi noMtekhala, iMfezemnyama nabanye. Amathikithi atholakala eComputickets ngo-R150. Umcimbi wesekwe wuhulumeni waKwaZulu-Natal, iSmirnoff, iPrasa, iSampra, nephephandaba ILANGA.

Ezisematheni

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

UMENGAMELI we-Action SA, uMnu Herman Mashaba uthi ayihlome ihlasele ngokhetho loHulumeni baseKhaya, njengoba ekhala ngokufa kwengqalasizinda yomphakathi athi bafuna ukuyivuselela komasipala uma benikwa ithuba. UMashaba ukusho lokhu ebethula umqulu wezethembiso...

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithwe yiNkantolo yoKhetho esimangalweni sawo, ukhala ngokuthi ukhetho lukahulumeni kazwelonke nezifundazwe lwango-2024 lwalungenabulungiswa, futhi lungakhululekile. I-MKP iye kule nkantolo ngezinsolo zokuthi kunobugebengu obenzeka...

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

KUDUTSHULWE kwabulawa oyedwa wabalisa abayanyaniswa nesigameko sokubulawa kwamaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence. Lo mlisa ulahlwe ngelakubo ngesikhathi ethole phezulu namaphoyisa ngenganono endaweni yaseMaplazini, eNanda, ngoLwesihlanu ekuseni. Amaphoyisa...