
INXENXE abatshalimali nezihambeli zengqungquthela enkulukazi yezokuvakasha i-Africa’s Travel Indaba, ukuba zisondele kwimibukiso yezokuvakasha yaseMkhanyakude – zinhlonze uxhaxha lwamathuba ezokuvakasha iMeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnu Siphile Mdaka.
UMdaka usho lokhu ngoLwesibili ngesikhathi evula ngokusemthethweni isiteji semibukiso yaseMkhanyakude, ebikhona kule ngqungquthela eqhubeka eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini. Ngesikhathi evula lesi siteji izihambeli zikhangwe yiSanusi uMnu Jabulani “Gonondo” Mdluli ongowokudabuka eMvelabusha, KwaMhlabuyalingana naye obezokhombisa ngomsebenzi wakhe wesintu. UMdaka uveze ukuthi uMkhanyakude unothe kakhulu kwezokuvakasha njengoba uneziqiwi ezingaphezu kweziwu-10, eziqukethe izilwane eziningi.

“UMkhanyakude uhamba wodwa ngamagugu emvelo. Yiso kuphela isifunda esinezilwane ze-big 6 (uma kubalwa nenyoni insingizi- Southern Ground Hornbill) nomkhoma ngaphezulu. Kuphinde kube yiso kuphela esinemingcele yamazwe amabili, iMozambique neSwaziland. “Sinesiqiwi sokuqala eNingizimu Afrika iMfolozi-Hluhluwe Park neziqiwi eziwu-11 ezizimele. Khona eMkhanyakude kuphinde kube nohlobo lwenhlanzi iCoelacanth, ososayensi abayichaza nje nsalela yenhlanzi eyayiphila endulo (living fossil), etholakala eSodwana Bay. Nginxenxa osomabhizinisi abatshali zimali nezihambeli zale ngqungquthela ukuba basondele babone amathuba okukhulisa umnotho ngezokuvakasha eMkhanyakude,” esho.
Eqhuba uthi ukholwa ukuthi uma engasetshenziswa lamathuba kungakheka amathuba emisebenzi, kukhule umnotho wendawo kuphinde kugcineke namagugu emvelo.







