
UMENGAMELI we-Action SA, uMnu Herman Mashaba uthi ayihlome ihlasele ngokhetho loHulumeni baseKhaya, njengoba ekhala ngokufa kwengqalasizinda yomphakathi athi bafuna ukuyivuselela komasipala uma benikwa ithuba.
UMashaba ukusho lokhu ebethula umqulu wezethembiso zokhetho oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November), emcimbini obuseGoli ngoMgqibelo. Ukhale ngezidingo zomphakathi okungamanzi, ugesi, imigwaqo engekho esimweni ubugebengu nenkohlakalo.
Uthe eNingizimu Afrika wonke umutnu angafakaza ngokufadalala komasipala. Uqhube wathi ukungaphathwa kahle kwemali komasipala yikhona okuyimbangela yokuthi bangenzi kahle ukuletha izinsiza kubantu.
“Abasemandleni silindele ukuthi benze umsebenzi wabo ngendlela okulindeleke bawenze ngawo. Ongenzi kahle sizokubeka emahlombe akhe lokho futhi uzojeza ngakho. Ngisho nokukhishwa kwamathenda, sizokwenza kube yinto ecacile kuwona wonke umuntu,” esho.
Uthe uma kwenziwa umsebenzi kuzoba nesikhathi esiqondile ukuthi umsebenzi osuke wenziwa khona uzothatha isikhathi esingakanani.
Uphinde wanxusa ukuthi omasipala ngokusebenzisana namaphoyisa noMnyango wezaseKhaya basukumele indaba yabokufika abakuleli, kodwa bengenamaphepha.
Ngasohlangothini lokusebenzisana namanye amaqembu, uMashaba uthe okwamanje ngeke baphumele obala ngokuthi kukhona iqembu abazosebenzisana nalo emuva kokhetho noma cha. Uthe ukusebenza ngokubambisana kwamaqembu akumele kube yinto yosopolitiki, yokuthi babelane izikhundla umphakathi usale uswele.
Uthe i-ActionSA izobhekisisa konke ngokusebenza kwemali kamasipala, kodwa wakucacisa ukuthi ushintsho ngeke lwenzeke ngokushesha komasipala abadonsa kanzima kumanje.







