Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bazoqhubeka nokuhlala esitokisini abasolwa ngokukwabanisa imali yakwaSassa

Bazoqhubeka nokuhlala esitokisini abasolwa ngokukwabanisa imali yakwaSassa

by | 30 April 2025

BASAZOQHUBEKA nokubala izinsimbi zesitokisi abasebenzi beSouth African Social Security Agency (Sassa) abayanyaniswa nezinsolo zokukhwabanisa imali yalesi sikhungo.

Abasolwa abawu-11, okukhona kubona nezikhulu zale nkampani, bebevele eNkantolo yaseGauteng izolo ngoLwesibili, lapho bebhekene namacala enkohlakalo ayinkulungwane. Basolwa ngokukhwabanisa imali elinganiselwa ku-R260 million.

Kubasolwa abawu-11, abawu-8 bayizisebenzi zakwaSassa. Basolwa ngokukhwabanisa imali yalolu hlaka lukahulumeni ngokuholela izipoki.

Inkantolo itshele abasolwa ukuthi bazoqhubeka nokugcinwa ezitokisini, kuze kube kufika umhla ka-1 kuNhlangulana (June) kophezulu. Ngalolo suku bazokube bezoqhubeka nokufaka izicelo zokudedelwa ngebheyili.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...