Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Zimkhalele osolwa ngokubulala iphoyisa

Zimkhalele osolwa ngokubulala iphoyisa

by | 1 April 2025

ZIMKHALELE umlisa waseSikhaleni oyanyaniswa necala lokubulala iphoyisa uCapt Mandla Khubisa, obesebenzela esiteshini samaphoyisa eMpangeni.

Kubikwa ukuthi ngomhla ka-14 kuZibandlela (December) nyakenye, abasolwa abathathu bangena emzini ongumakhelwane kamufi eH2 eSikhaleni, bakhomba ngezibhamu abantu, bafuna ngodli imali namaselula. Ezinye zezisulu zakwazi ukubaleka, zaya emzini kaKhubisa, ziyobika ngesigameko sokubanjwa inkunzi.

UCapt Khubisa wayengekho kwakhe ngaleso sikhathi, inkosikazi yakhe yamfonela imbikela ngaso. Kuthiwa ekufikeni kwakhe uKhubisa, izigebengu zavulela ngenhlamvu zibhekise kuyena, washonela endaweni yesigameko, izigebengu zathatha isibhamu sakhe somsebenzi.

Kuthiwa inkosikazi kaKhubisa nayo yadubuleka kulesi igameko, yaphuthunyiswa esibhedlela. Omunye wabasolwa watholwa esefile emzini obude buduze nendawo yesigameko, kwatholakala kuyena isibhamu esingekho emthethweni namaselula ayethathwe kubanjwa inkunzi.

Kwavulwa icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokubamba inkunzi esiteshini samaphoyisa eSikhaleni, idokodo lanikwa uphiko loKlebe, oluphenya ubugebengu obuhleliwe nobubucayi.

Ngemuva kophenyo olunzulu loKlebe, kwaboshwa uMkhwanazi ngosuku olulandela olwesigameko, watholwa nezibhamu ezimbili, esinye sazo okungesikaCapt Khubisa. Wavela eNkantolo yeMantshi yaseMthunzini, wathi akayifuni ibheyili.

Ekuqhubekeni kophenyo loKlebe ngesigameko sokubulawa kukaCpt Khubisa, bakwazile ukuyamanisa uMkhwanazi naso, wabekwa amanye amacala ngokusemthethweni. Kulindeleke ukuthi avele phambi kwemantshi eSikhaleni namuhla.

Oyinhloko yoKlebe KwaZulu-Natal uMajor-General Lesetja Senona uncome umsebenzi wamaphoyisa oholele ekuboshweni komsolwa.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...