Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Zimkhalele osolwa ngokubulala iphoyisa

Zimkhalele osolwa ngokubulala iphoyisa

by | 1 April 2025

ZIMKHALELE umlisa waseSikhaleni oyanyaniswa necala lokubulala iphoyisa uCapt Mandla Khubisa, obesebenzela esiteshini samaphoyisa eMpangeni.

Kubikwa ukuthi ngomhla ka-14 kuZibandlela (December) nyakenye, abasolwa abathathu bangena emzini ongumakhelwane kamufi eH2 eSikhaleni, bakhomba ngezibhamu abantu, bafuna ngodli imali namaselula. Ezinye zezisulu zakwazi ukubaleka, zaya emzini kaKhubisa, ziyobika ngesigameko sokubanjwa inkunzi.

UCapt Khubisa wayengekho kwakhe ngaleso sikhathi, inkosikazi yakhe yamfonela imbikela ngaso. Kuthiwa ekufikeni kwakhe uKhubisa, izigebengu zavulela ngenhlamvu zibhekise kuyena, washonela endaweni yesigameko, izigebengu zathatha isibhamu sakhe somsebenzi.

Kuthiwa inkosikazi kaKhubisa nayo yadubuleka kulesi igameko, yaphuthunyiswa esibhedlela. Omunye wabasolwa watholwa esefile emzini obude buduze nendawo yesigameko, kwatholakala kuyena isibhamu esingekho emthethweni namaselula ayethathwe kubanjwa inkunzi.

Kwavulwa icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokubamba inkunzi esiteshini samaphoyisa eSikhaleni, idokodo lanikwa uphiko loKlebe, oluphenya ubugebengu obuhleliwe nobubucayi.

Ngemuva kophenyo olunzulu loKlebe, kwaboshwa uMkhwanazi ngosuku olulandela olwesigameko, watholwa nezibhamu ezimbili, esinye sazo okungesikaCapt Khubisa. Wavela eNkantolo yeMantshi yaseMthunzini, wathi akayifuni ibheyili.

Ekuqhubekeni kophenyo loKlebe ngesigameko sokubulawa kukaCpt Khubisa, bakwazile ukuyamanisa uMkhwanazi naso, wabekwa amanye amacala ngokusemthethweni. Kulindeleke ukuthi avele phambi kwemantshi eSikhaleni namuhla.

Oyinhloko yoKlebe KwaZulu-Natal uMajor-General Lesetja Senona uncome umsebenzi wamaphoyisa oholele ekuboshweni komsolwa.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...